Bafana BafanaEzintsha

UBroos usola iNicaragua ‘ngokuchitha isikhathi’ seBafana

Kusale kancane umqeqeshi we-Bafana Bafana u-Hugo Broos alibeke ngembaba elokuthi bazimoshele isikhathi ngomdlalo wobungani wangoLwesihlanu ebusuku.

IBafana idlale ngokulingana ngo 0-0 neNicaragua e-Orlando Amstel Arena, kanti uBroos usale engeneme ngalo mdlalo.

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-74 ubudala usale ekhungathekile ngendlela iNicaragua ebihleli ngayo emuva, ingabaniki nencane inkinga emuva. 

Inhloso kaBroos bekuwukuhlola izitobha asanda kuziqoka kwiBafana o-Olwethu Makhanya no-Ime Okon.

Kodwa laba abadlali abazange baze bathole ngcindezi kulo mdlalo njengoba iNicaragua beyihlezi emuva.

“Kuzokumangaza kancane uma ngithi ngijabule ngendlela iqembu elidlale ngayo yize umphumela ungabanga ebesikulindele,” kusho uBroos.

“Bekuwumdlalo onzima kakhulu neqembu elidlala into engekho nhlobo. 

“Angazi ukuthi bebezokwenzani ngampela lapha ngoba bebehleli emuva bese bekhahlela ibhola phambili kuphela.”

Nokho uvumile ukuthi mhlwumbe umdlalo bewuzoba ngcono ukube iBafana ikwazile ukuyivalela enethini iphenathi eyithole esiwombeni sokuqala.

U-Hugo Broos usezothemba ukuthi i-Bafana Bafana izothola isivivinyo esingcono uma isibhekene neJamaica ngeSonto elizayo.

Lowo kuzobe sekungumdlalo wokugcina wokuzizwa amandla ngaphambi kokuqala kweNdebe yoMhlaba.