
OweRwanda nomyalelo oshubile kwiChiefs ngoNtwari
Umqeqeshi weRwanda u-Adel Amrouche usekhiphe isexwayiso esiqinile esibhekiwe kwiKaizer Chiefs — ayidlalise uFiacre Ntwari noma imkhulule.
U-Amrouche uthi lo nozinti oyisethenjwa seRwanda unekhono elihle kakhulu ukuthi engalokhu ekhuhliswa ibhentshi.
“Uma bengenazo izinhlelo zokumdlalisa njalo, abamyeke ahambe,” usho kanje ebhekile kwiChiefs ngokungananazi. “Umdlali onekhono njengoFiacri akumele angadlali.”
Ukusho lokhu ngesikhathi ekhuluma nabezindaba baseNingizimu Afrika ngaphambi komdlalo weRwanda neBafana Bafana eMbombela Stadium.
UNtwari, oneminyaka engu-26, ulizwa ngendaba ijezi kuMakhosi kusukela afudukela kuwo esuka kwiTS Galaxy ekuqalen ikwesizini edlule.
Efika kwiKaizer Chiefs, uqale imidlalo eyisikhombisa yokuqala ngesizini edlule ngaphambi kokuthi akhishwe bese kungena uBruce Bvuma endaweni yakhe.
Kule sizini ulandela ngemuba kukaBrandon Petersen kanti uqale umdlalo okokuqala kwiCarling Knockout Cup bebhekene neStellenbosch FC.
Akangenelwanga goli kulo mdlalo, kodwa Amakhosi ahlulwa sekukhahlelwa amaphenathi futhi kwaba nezikhalo ngaye ukuthi wagoloza ukuphuma kungene uBvuma sekuzokhahlelwa amaphenathi.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
U-Amrouche uveze ukuthi useke wakhuluma nomqeqeshi wonozinti kwiChiefs u-Ilyes Mzoughi ngodaba lokungadlali kukaFiacre Ntwari.
“Angikwazi ukugxambukela, kodwa bengifuna ukwenza isiqiniseko sokuthi uhlala ebukhali,” kusho lo somaqhinga wase-Algeria.
Naphezu kokungadlali njalo kwiKaizer Chiefs, u-Amrouche usakholelwa ngokugcwele kuFiacre Ntwari futhi uyisethenjwa eqenjini lesizwe.
“UFiacre ungomunye wonozinti abahamba phambili e-Afrika,” kugcizelela u-Amrouche.
“Unekhono, uziphethe kahle, futhi uyathandwa ngozakwabo. Uyalithanda iqembu lakhe — kodwa ufanelwe ukudlala njalo.”
