AmaqembuEzintsha

Ukhishwe ngebheyili uMogaila obhekene nelokubulala

Akabekelwanga mibandela etheni ngesikhathi ekhishwa ngebheyili umdlali weSekhukhune United, uMokete Mogaila ngoLwesihlanu.

Ngokwemibiko, lo mdlali udedelwe ngebheyili ka-R20 000 futhi useyoze abuyele enkantolo ngoFebhuwari wonyaka ozayo. 

Lokhu kungenxa yokuthi amaphoyisa asafuna isikhathi sokuphenyisisa kahle futhi kutholakale nobufakazi bodokotela. 

UMogaila ube sengozini yemoto okufe kuyo ingane yentombazane eneminyaka eyisishiyagalolunye kanti unina usesesimweni esibucayi esibhedlela. 

Le ngozi yenzeke eTembisa ngoLwesithathu ekuseni kanti ngokwamaphoyisa abesendaweni yesigameko, kutholakale amabhodlela kagologo nokusolakala ukuthi yizidakamizwa. 

Imoto yakhe ishayisane mahlanze nenye ngabo-7.30 ekuseni, wabe eseyishiya lapho ebaleka kodwa wabuye wazinikela emaphoyiseni. 

Ubevele enkantolo ngoLwesihlanu. Ubhekene necala lokubulala ngokungenhloso, ukushayela budedengu nokubaleka endaweni yengozi. 

ISekhukhune ikhiphe isitatimende ithi ngeke isasho lutho ngalolu daba ngoba selusenkantolo.

Kodwa idlulise amazwi enduduzo emndenini oshonelwem yafisela nabalimalile ukwelulama okusheshayo.