
UNdlondlo udalula okubhekwe kuye kwiGallants
Ngu-Alfred Ngubane
Umdlali wasesiswini weMarumo Gallants uNdabayithethwa Ndlondlo uthi umqeqeshi wakhe, u-Alexandre Lafitte, umnike umsebenzi okhethekile kuleli qembu.
Uthi umcele ukuthi njengomunye wabadlali asebekhulile, ufuna abe yisibonelo esihle — ngaphakathi nangaphandle kwenkundla.
Ekhuluma neLisenethini, uNdabayithethwa “Mini Cooper” Ndlondlo udalule ukuthi ucelwe ukuthi agade abadlali abasebancane eqenjini, abasize bahlale begxile emsebenzini wabo.
“Iningi labadlali bethu basebancane. Badinga ukwesekwa, ikakhulukazi ngaphandle kwenkundla, ngoba kulapho abaningi belahlekelwa khona ukugxila,” kusho uNdlondlo.
Lo mdlali wasesiswini onamava usefomini ennhle ufthi uyisibonelo ngaphakathi nangaphandle kwenkundla kwiGallants ngokudlala kahle nangokuziphatha.
Ube nomthelela omkhulu ohambweni lwaleli qembu kwiCarling Knockout lapho sebefinyelele khona kowamanqamu.
“Umgomo wethu ucacile — sifuna ukunqoba le ndebe,” kuqhuba uMini Cooper. “Wonke umdlali lapha uphupha ngokudlala kowamanqamu.”
UNdabayithethwa Ndlondlo wengeze ngokuthi amakilabhu amancane anomlando omuhle kwiCarling Cup, kanti iGallants ihlose ukugcina lelo siko liphila.
FUNDA NALA | Kuvela ukuthi iPirates iyishwebise kanjani iChiefs ku-Appollis
Iqala le ndebe eminyakeni emibili edlule, idliwe yiStellenbosch FC kanti ngenyaka odlule ihambe neMagesi FC.
IGallants izohlangana neqembu elingacushwa ezindebeni i-Orlando Pirates ePeter Mokaba Stadium ngoDisemba 6.
“Singaqhubeka nalowo mlando,” kusho uNdlondlo ngokuzethemba. IGallants iya kulo mdlalo ingabhekiwe kangako, kodwa uNdlondlo uthi bazimisele ukuphoxa.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
