EzintshaOrlando Pirates

Ithemba kwabePirates kuhlehliswa umdlalo oweligi

I-Orlando Pirates yafaka icala kwiCaf ngemuva kokukhishwa yiSt Eloi Lupopo kulo mqhudelwano, ikhala ngabadlali abangabhalisiwe ngendlela efanele.

Yaphinde yakhala nangokuthi umqeqeshi wayo, uGuy Bukasa bekungamele abe sebhentshini njengoba emisiwe emidlalweni yeCaf. 

Isinqumo sekomidi leCaf eliqondisa ubugwegwe ngalolu daba sibhekwe ngabomvu njengoba iLupopo ikuphika ukuthi kukhona la ingenxanga khona kahle. 

Imidlalo yokuqala esigabeni samaqoqo ibekelwe ukudlala kusukela ngoNovemba 21 okuwusuku iPirates obekumele idlale ngalo neChippa United kwiBetway Premiership. 

Nokho ngoLwesithathu iChippa imemezele ukuthi lo mdlalo sewuhlehliselwe uNomvemba 25 kodwa ayangaziveza izizathu zalokho.

Kodwa-ke abalandeli bakubona njengophawu lokuthi lolu suku lokuqala obelubekelwe lo mdlalo seludedelela oweChampions League.

Ngalo lolo suku – uNovemba 21 – iLupopo ibekelwe ukubhekana neMamelodi Sundowns eLoftus Stadium. 

Uma isinqumo saleli cala elifakwe yiPirates siyivuna, yiyo ezobe seyingena esikhaleni seLupopo okusho ukuthi iyobe seyidlala neSundowns.