Ezintsha

U-Eymael ufake iChippa enkingeni ‘efuna ngodli’ inkokhelo

Ngokwemibiko yakamuva, uLuc Eymael uselufake kwiFifa udaba lwakhe kulandela ukwehluleka kweqembu okwesithathu kulandelana ukukhokha. 

ULuc Eymael ubeqashwe yiChippa ngasekuqaleni kwale sizini kodwa izinto azizange zihambe kahle, waxoshwa ngemuva kwemidlalo embalwa.

Kuvela ukuthi kwabe sekuvunyelwana ngesinxephezelo obekumele akhokhelwe sona, kwabekwa nesikhathi sokwenza lokhu. 

IChippa bekumele ikhokhe u-50% wale mali ngo-Okthoba 28 kodwa yakhokha imalii engaphelele. 

Iqale ukukhokha u-25% wemali ngoNovemba 1, yabe seyiphinda omunye u-25% ngoNovemba 15. 

Bekumele ibe seyiphelelisa le mali ngoNovemba 30 kodwa yahluleka ukwenza lokho futhi kuze kube manje ayikakakwenzi yize isikhunjuziwe.

Ngokwemibiko, abethimba elimele uLuc Eymael babe sebeludlulisela kwiFifa lolu daba lokungakhokhelwa kwabo. 

IFifa ibe seyinqumela iChippa umnqamulajuqu wezinsuku ezingu-10 ukuthi ikhokhe le mali eshodayo isihambisana nenzalo.

Uma yehluleka ukwenza lokho izozithola seyibhekene nesigwebo sokuvinjelwa ukusayina abadlali. 

Le nkinga inyusa ingcindezi kusihlalo weChippa uSiviwe Mpengesi osanda kuba yiqhawe ebholeni lakuleli ngemuva kokuhlenga isikhungo sokuphucula amakhono ebesaziwa ngeTransnet School Excellence.

Njengoba isikhathi sihamba le kilabhu yase-Eastern Cape ibeka isengcupheni yehlazo lokungena ohlwini lwamaqembu angayiphathi kahle imali.