EzintshaKaizer Chiefs

UKaze nomlayezo kubalandeli iKaizer Chiefs ‘ijika izinto’

Ukhiphe umlayezo obheke kubalandeli umqeqeshi weKaizer Chiefs uCedric Kaze ngemuva kokunqoba kwabo ngeSonto.

IKaizer Chiefs ishaye iDurban City ngo 1-0 emdlalweni weBetway Premiership obuseFNB Stadium.

Igoli enqobe ngalo lishaywe nguGlody Lilepo esiwombeni sesibili kanti womabili lamaqembu abengashaya amagoli amaningi kunaleli elilodwa.

Nokho libe ngelanele ukujika izinto ekhempini yeKaizer Chiefs kulandela amasonto amathathu edlule abengemahle neze.

Leli qembu bese lihlulwe emidlalweni emine kulandelana ngaphambi kwalo mdlalo wangeSonto.

Lokhu kwehlulwa kufake ingcindezi eqenjini, abalandeli baze babhikisha beyofuna kuxoshwe abaqeqeshi.

Abanye bakhale ngokuthi abaphathi bekilabhu ababazi nokuthi bayini abalandeli, ngakho kumele bengabe besaya emidlalweni yeqembu. 

Kodwa uKaze unethemba lokuthi lo mphumela uzodambisa isimo, wabe esekhipha umlayezo obheke kubalandeli. 

“Abalandeli bebehlezi bekhona ngemuva kweqembu,” kusho uKaze ngemuva kwalo mdlalo.

“Okumele bakwazi wukuthi wonke amaqembu ayadlula ezigabeni zokungahambi kahle kwezinto.

“Nathi kusenzile lokho futhi manje ngethemba ukuthi sekuyisiqalo sokudlula kuleso sigaba.

“Ngokubheka indlela esidlale ngayo nalo mphumela wanamuhla, osekungenzeka wukuthi sibe ngcono.”

Emdlalweni olandelayo iKaizer Chiefs izobhekana neMagesi FC khona eFNB Stadium ngoMgqibelo ozayo. 

Izobe ibheke ukwakhela kulo mphumela ukuze abaqeqeshi bagcine isethembiso sokuqeda emaqenjini amathathu aphezulu.

Ngokwezifiso zabaphathi, babekelwe umbandela wokufaka iqembu kwiCaf Champions League ngesizini ezayo.

Lokhu kusho ukuthi kuzomele banqobe isicoco noma baqede endaweni yesibili kule sizini.

Kubukeka kuwumqansa ke nokho lokho njengoba belandela i-Orlando Pirates neMamelodi Sundowns ngamaphuzu angu-11 manje.