
U-Eymael uchaza ‘eyenkinga’ ebibheke noNwabali kwiChippa
Ngemuva kokususa isiphithiphithi nokuqagela ngonozinti wakhe, umqeqeshi weChippa United uLuc Eymael useveze okwenze athi uStanley Nwabali ‘unenkinga nekilabhu’.
Uveze ukuthi ukungabi khona kwalo nozinti emdlalweni wangempelasonto empeleni bekungenxa yokulimala hhayi izinkinga zangaphakathi noma ukulungiselela ukushiya.
Lo nozinti weSuper Eagles uphuthelwe wumdlalo la iChilli Boys ishaywe khona ngo 2-1 yiPolokwane City ngempelasonto.
Lokhu kuqubule amahlebezi okuthi angase ahambe kuleli qembu njengoba bekubhekwe ekuvalweni kwewindi lokudayiselana ngabadlali ngoMsombuluko.
Amazwi ashiwo u-Eymael mayelana nokungabi khona kwakhe, ethi “wudaba lwangaphakathi” abhebhethekisa amahlebezi.
Nokho uNwabali ubuyelile eqenjini ngesikhathi libhekene neSekhukhune United ngoLwesithathu futhi wadlala kahle evimba namaphenathi kulo mdlalo ophele zibambene ngo 1-1.
WINA | Ithuba lokuwina neVicks neLisenethini
“Eqinisweni, kube wukudideka nje. Bekungenxa yokulimala, futhi angizange bengingqondi kahle ukuthi kwenzekeni ngaye,” kuchaza u-Eymael.
“Kube wukungaxhumani kahle, hhayi noStanley kuphela kodwa nabasebenzi bethimba lezokwelapha.
“Ukuphoqile ukudlala yize engeluleme ngokugcwele, futhi sikubonile ukubaluleka kwakhe. Usivikeleke kakhulu futhi uletha uzinzo emuva.”
U-Eymael wengeze ngokuthi ukhethe ukungandi ngemininingwane phambilini ngoba ubengakachazelekile kahle ngesimo sikaNwabali
FUNDA NALA | OweChiefs uvikela uSirino ‘odayise ngamaphuzu’
“Bengingafuni ukukhuluma ngoba bengingazi kahle ukuthi kwenzekeni. Ngesikhathi abezindaba bengibuza, ngathi kuyimfihlo ngoba imininingwane ibingacacile.
“Yingakho ngisho lokho, futhi mhlawumbe angizange ngizwakale kahle. Omunye ubesho lokhu, omunye asho lokhuya.”
