
U-Ethan Chislett uthi iChiefs izoqeda ukucanasa kweDowns
Umdlali omusha weKaizer Chiefs, u-Ethan Chislett, usekhiphe inkulumo ekhomba isibindi nokuzethemba: uthi bazikuqeda ukucanasa kweMamelodi Sundonwns.
Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala ohlaselayo ujoyine iChiefs kule nyanga esuka eqenjini elidlala kwiLeague One e-England, iPort Vale.
Ufike ngesasasa elikhulu njengoba bekunconywa ikhono lakhe, manje sekuyacaca ukuthi uyazikhulumela, futhi uyazethemba.
Le nkulumo yakhe seyivele isuse izipikiswano ezinkundleni zokuxhumana – yenza ukuthi anakisiswe kusukela manje.
“ISundowns yenze kahle kakhulu, kodwa uma kukhona iqembu elingayisusa esihlalweni sokubusa, ngicabanga ukuthi yiChiefs,” kusho uChislett.
U-Ethan Chisslett ubekhuluma kwividiyo ekhishwe yiKaizer Chiefs njengoba ikanise eNetherlands la ilungiselela khona isizini entsha.
Lo mdlali uzalelwe eThekwini, kanti ibhola lisegazini kuChisslett njengoba ephuma emndenini olidlalile.
Uyise, uDonovan Chislett wadlalela iManning Rangers, kanti umkhulu wakhe ongasekho uGordon yema wamela iNingizimu Afrika ngesikhathi sangaphambi kobandlululo.
Umndeni ka-Ethan Chisslett wathuthela e-UK eneminyaka eyisithupha, kodwa ibheji leKaizer Chiefs belilokhu lisenhliziyweni kuye.
“Ngangihlale ngibheka imiphumela yeChiefs ngisakhula,” kwengeza yena. “Lapho ucingo lufika, angizange ngicabange kabili.
“Akukholakali namanje – bekukhona amanye amaqembu abengifuna, kodwa iChiefs iyona kuphela engangiyicabanga.”
UChislett uzibona engumdali wohlobo lukaNombolo 10 odlala ngendlela yakudala, kodwa futhi olambele amagoli.
“Ngidlale njengo-6, 8, 10… nasezimpondweni noma njengomgadli. Kodwa kuNombolo 10 yilapho ngizizwa khona kahle.
“Ngidlala ngobuhlakani, kodwa ngiyazi ukuthi amagoli awina imidlalo – ngiyazikhandla ukuze ngilethe kokubili.”
Udlale esiwombeni sesibili somdlalo wokuqala weChiefs wokuzizwa amandla ekuqaleni kwesonto la behlulwa khona ngo 2-1 yiVitesse Arnhem .
Kulindeleke ukuthi aphinde adlale ngoLwesihlanu lapho Amakhosi esebhekene neqembu le-Eredivisie iFC Utrecht ngo-4 ntambama.
Ngobuhlakani bakhe, ukuzethemba, nesifiso sokuvelela eNingizimu Afrika, u-Ethan Chislett angase abe yinjini iKaizer Chiefs ebiyidinga.
