
Ngabe iChiefs isazoqinisa iqembu? UMotaung Jr. uyaphendula
Umqondisi weKaizer Chiefs, uKaizer Motaung Jr., usehlalule izifiso zeqembu njengoba kuqala isizini yeBetway Premiership ka-2025/26.
Amakhosi azoqala umkhankaso wawo omusha ngomdlalo weBetway Premiership la ezobhekana khona neStellenbosch FC ngeSonto.
Leli qembu laseNaturena lengeze abadlali abasha abayisithupha: uThabiso Monyane, u-Ethan Chislett, uPaseka Mako, uFlavio Silva, uSiphesihle Ndlovu, noNkanyiso Shinga.
UMotaung Jr. uthi iqembu ligxile ezindaweni ezibalulekile kodwa waveza ukuthi abanye abadlali bangase balandelwe.
“Sikholwa ukuthi siqinise izindawo ezibalulekile eqenjini, kodwa ukuqinisa iqembu kuwumsebenzi oqhubekayo njalo,” kusho lesi sikhulu.
Ukubuyela emidlalweni yezwekazi
IChiefs izobuyela emidlalweni yezwekazi njengoba izodlala kwiCaf Confederation Cup okokuqala ngqa kusukela yayifike kowamanqamu kwiChampions League ngo-2021.
“Kubalulekile kithi ukuqala ngamandla, ngoba imidlalo izolandelana eduze kule sizini ngenxa yekhefu le-Afcon ngoDisemba neleNdebe yoMhlaba ngonyaka ozayo.
“Sijabule nangokubuyela emiqhudelwanelo ehlonishwayo yeCaf,” kwengeza uMotaung Jr.
Ukuqeqeshwa kwabo kwangaphambi kwesizini kwafaka phakathi imidlalo bebhekene namaqembu aphezulu aseHolland njenge-FC Twente, ne-Asante Kotoko yaseGhana.
Izoqala engekho uNabi
Nokho, iChiefs izodlala ngaphandle komqeqeshi omkhulu uNasreddine Nabi emdlalweni neStellenbosch.
FUNDA NALA | KUPHINDE KWAYIBHIMBELA ICITY
Lo mqeqeshi uphoqeleke ukuthi aphuthume ngakubo eTunisia kulandela isimo esiphuthumayo somndeni.
Unkosikazi kaNabi ubeseengozini embi yemoto futhi walimala kanzima, waquleka, kodwa imibiko yakamuva iveza ukuthi usephapheme.
Njengoba engekho uNabi, iqembu lizoholwa amaphini akhe oBen Youssef noCedric Kaze emdlalweni weStellies neminye elandelayo.
