
Kuyakhanya kuMohau Nkota, usefunwa yizinkunzi zase-Europe
Zithanda ukukhanya izinto kuMohau Nkota okuke kwavela ukuthi akumhambeli kahle kwi-Al Ettifaq eSaudi Arabia.
Kuthuse abaningi ukuthi leli qembu liveze ukuthi lizimisele ukumdayisa futhi layibeka nemali eliyifunayo ngaye.
Kwabaningi lokhu kuthathwe ngokuthi lo mdlali uyehluleka kuleli qembu.
Kodwa manje kubukeka sengathi kungenxa yokuthi usehehe amehlo amaqembu ase-Europe.
Njengamanje sekuvele ukuthi angase ajoyine izikhondlakhondla zasePortugal iSL Benfica okuthiwa inentshisekelo yokumsayinisa.
Ngokubika kweSABC Sport, abamele lo mdlali oneminyaka engu-21 ubudala njengamanje basezingxoxweni naleli qembu elizinze eLisbon.
UMohau Nkota ukhuphuke esuka eqenjini lentsha kwi-Orlando Pirates ngaphambi kokuthi agqame eqenjini elikhulu.
Ekuqaleni kwale sizini wenze umnyakazo oshaqisayo esayinwa yi-Al Ettifaq yaseSaudi Arabia.
Kepha manje ubukeka esezophinde athuthe, kulokhu aye kwenye yamaligi aphezulu e-Europe.
Njengoba ekuqaleni bekungathi uzobolekiswa, sekuvela ukuthi iBenfica ifuna ukumthenga abe ngowayo ngokuphelele.
Lokhu kuchaza ukuthi izinhloli zaleli qembu ezaziwa ngekhono loluhlonza ithalente eliphezulu kukhona ezikubone zakuthanda kuye.
Uma egcina esayina kuyo, uMohau Nkota uzojoyina uhlu olukhulayo lwezihlabani zaseNingizimu Afrika ezisencane ezidlala e-Europe.
Iwindi lokudayiselana ngabadlali ePortugal lizovulwa ngoJuni, kanti amaphepha asemthethweni kulindeleke ukuthi aphothulwe ngaleso sikhathi.
FUNDA NALA | Ubizelwe kwelesizwe okhuhla ibhentshi kwiChiefsÂ
IBenfica ‘iyifemu yamakhono’ eyaziwayo emhlabeni esikhiqize abadlali abaphambili njengoJoão Félix no-Enzo Fernández esikhathini esidlule.
KuMohau Nkota, lokhu akukhona nje ukujoyina elinye iqembu, kodwa yithuba lokuzethula ezingeni eliphezulu ebholeni lomhlaba.
