
Ingwazi ye-Al Ahly iveza engakuzwa kahle ngoJose Riveiro
UJose Riveiro akakethulwa ngokusemthethweni njengomqeqeshi we-Al Ahly kodwa sekuvele abashaya amakhala ngokuqokwa kwakhe kuleli qembu.
Inkakha ye-Al Ahly uMahmoud Aboul-Dahab uzwakalise ukukhathazeka kwakhe ngalo mqeqeshi omusha okulindeleke ethulwe, uJose Riveiro.
Lo mqeqeshi waseSpain oneminyaka engu-49 ubudala usanda kuhlukana ne-Orlando Pirates lapho azakhele khona igama.
URiveiro uhlale amasizini amathathu kulezi ziqhwaga zaseNingizimu Afrika futhi waba nempumelelo ebonakalayo.
Uhole amaBhakabhaka enqoba ezindebe ezinhlanu futhi wafaka leli qembu esigabeni semidlalo eyandulela owamanqamu kwiCaf Champions League.
Ngaphezulu kwale mpumelelo, yindlela iqembu elidlale ngayo ngaphansi kobuholi bakhe okwenze abaningi bakholwe ukuthi ungumqeqeshi osezingeni eliphezulu.
IPirates ibidlala ibhola elikhangayo nelihlaselayo ngaphansi kobuholi bakhe, futhi yaba yiqembu elesabekayo.
Lo mqeqeshi waseSpain manje kulindeleke ukuthi aphathe ikilabhu enkulukazi yebhola e-Afrika.
Kodwa u-Aboul-Dahab akanaso isiqiniseko sokuthi nguye ofanelwe yilo msebenzi ongaka.
Usola ukuthi akanawo amava afanele kwazise iPirates yilona qembu elikhulu lokuqala asebenze kulo.
“Ngimbonile uRivero ngesikhathi eseqenjini laseNingizimu Afrika, i-Orlando Pirates, futhi wenza kahle kakhulu,” kusho u-El-Dahab kwi-Almasryalyoum.com.
“Ngikholwa ukuthi i-Al Ahly ibifanelwe wumqeqeshi onamava, ikakhulukazi njengoba kubhekwe ukuthi yenze kahle kwiClub World Cup.
“I-Al Ahly neZamalek ngamakilabhu angenza noma yimuphi umqeqeshi aziqhenye futhi abukeke kahle.
“Ngimfisela impumelelo kwi-Al Ahly, kodwa ngokubona kwami, lokhu kuqokwa kwakhe kungase kungabi yinto ephusile.”
UJose Riveiro kulindeleke ukuthi kube nguye ohola i-Al Ahly ngenyanga kwiFifa Club World Cup e-USA.
Izobhekana nePalmeiras yaseBrazil, iFC Porto yasePortugal neqembu lase-USA, i-Inter Miami lapho kudlala khona uLionel Messi.
