
Elase-US lilinga iPirates ngetshe lemali elifuna ngayo uRele
Sekuneqembu lase-US, elidlala kwiMajor League Soccer (MLS) elifuna uRelebohile Mofokeng we-Orlando Pirates kuhle kwePhara lifuna iwunga.
Indlela leli qembu elizimisele ngayo ngalo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala kuthiwa selibeke imali okuzoba nzima kwiPirates ukuyinqaba.
Ngokubika kwe-Unplayable ZA, iMinnesota United isibeke imali ebalelwa ku-R35 million etafuleni kanti sekusele kwiPirates ukuthi iyawuthatha noma iyawuyeka.
Kuthiwa izingxoxo ziyaqhubeka futhi sezisezingeni eliphezulu ngendlela yokuthi kungenzeka lo mdlali adlale okokugcina kwiPirates ngoLwesithathu nangoMgqibelo.
IPirates izokwamukela iStellenbosch FC ngoLwesibili emdlalweni weBetway Premiership e-Orlando Stadium – lo mdlalo uqala ngo-7.30 ebusuku.
Ngemuva kwalokho izobe seyiya ePitori ngoMgqibelo la iyobhekana khona neMamelodi Sundowns emdlalweni weMTN8 eLucas Moripe Stadium.
FUNDA NALA | UCele ufuna kungayi lubuyayo eFNB Stadium
Lo mdlalo ngowomlenze wesibili kweyandulela owamanqamu kwiMTN8 kanti owokuqala obuse-Orlando Stadium ngempelasonto edlule uphele zibambene ngo 1-1.
Uma uRele ehamba, uzobe elandela umngani wakhe uMohau Nkota naye oshiye leli qembu waya kwi-Al-Ettifaq yaseSaudi Arabia ngoJulayi.
