Ezintsha

UMolangoane useveze okumshiyise iPSL, wabuyela kuma-amesha

Lo mdlali umangaze abaningi eshiya iGallants waya kodlala kwiSafa ABC Motsepe League.

UMolangoana, oneminyaka engu-36 ubudala, ubesebuye okwesibili kwiGallants ngesikhathi evela eshiya isinyelela. 

Ehlandleni lakhe lokuqala, waba yingxenye yabadlali abasiza leli qembi lifinyelele emdlalweni owandulela owamanqamu kwiCaf Confederation Cup. 

Ushiye ngemuva kwesizini ka-2022/23 kodwa wabuya ekuqaleni kwale sizini ngesikhathi leli qembu libuyela kwiBetway Premiership.

UMolangoane udlale imidlalo emibili kuphela ngaphambi kokuthi ashiye phansi ngoJanuwari. Uthi ubefuna isiqalo esisha.

“Bekungeyona into etheni. Bengidinga okuthile okusha,” usho kanje kwabeFARPost

“Ngiwenzile owami umsebenzi, kodwa izinto bezingashintshi. Bengifuna inselelo nendawo lapho ngizozizwa ngikhululekile khona.”

Ujoyine iSunrise FC, lapho edlala khona nabanye abadlali abazakhela igama emaqenjini amakhulu kwiPremiership oTebogo Langerman. uPunch Masenamela no-Edward Manqele. 

Kuleli sonto owayengumdlali wasesiswini weChiefs, uSiphele Ntshangase, naye usayine kuleli qembu.

“Kukhona okukhethekile ngeSunrise FC. Ngike ngadlala lapha (kwi-ABC Motsepe League) phambilini ngabona ukuthi i-ABC Motsepe League inzima kangakanani,” kuqhuba yena. 

“Abaningi abakunaki lokhu, kodwa ingenye yamaligi anzima kakhulu.”

ISunrise ingelinye lamaqemu alwela ukunqoba lesi sigaba eLimpopo, ikhushulelwe kwesilandelayo.