Bafana BafanaEzintsha

UBroos uveza okwenza oweCameroon ube ‘ngokhethekile’

La mazwe womabili azohlangana emzuliswaneni wokuqala wesigaba somkhumulajezi e-Al Medina Stadium, eRabat. 

UHugo Broos ukhulume esithangamini sabezindaba ebesigcwele phama eRabat ngoMgqibelo ntambama ngalo mdlalo.

Lo mqeqeshi odabuka eBelgium wake waqeqesha iCameroon futhi wayisiza ukuba idle isicoco se-Afcon ngo-2017.

Uvumile ukuthi ukubhekana neqembu lakhe lakudala kuvusa imizwa ejulile kuye.

“Ngumdlalo okhethekile kimi,” kuvuma uBroos. “Ngiwine i-Afcon nabo, yize sekusele abadlali abambalwa kuphela eqenjini lamanje.”

Nokho, uHugo Broos ugcizelele ukuthi imizwa ngeke imlawule noma yenze buthaka indlela yakhe yokwenza izinto kulo mdlalo.

“Kusasa, angikwazi ukuba nesihe kubo,” kuqhuba yena. “Impumelelo yethu sindawonye inendawo ekhethekile enhliziyweni yami.”

ICameroon imangaze abaningi ngemuva koshintsho olumangalisayo olwenzeke ngaphambi kancane nje kwalo mqhudelwano.

UDavid Pagou uthathe izintambo ngemuva kokuxoshwa kukaMarc Brys, kanti iqembu eligabe ngabadlali abasebancane lihlabe umxhwele.

UBroos uxwayise ngokuthi iBafana – ebingakangei emgqigqweni obulindeleke kuyo – kumele idlale ibhola elisezingeni uma izizimisele ukudlulela phambili.

“Yiqembu eliselincane elinabadlali abanekhono elihle,” kusho lo mqeqeshi. 

“Banomoya wokulwa omuhle, ngakho-ke kufanele sifinyelele ezingeni lethu elingcono kakhulu kulo mdlalo.”

Ozonqoba phakathi kweBafana neCameroon uzodlulela emzuliswaneni olandelayo lapho ezohlangana khona nozonqoba phakathi kweMorocco neTanzania.