
UBroos uchaza okwenze aqalise uMofokeng koweLesotho
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos uthi akekho umdlali oqinisekisiwe ukuthi uzoqala kuphi eqenjini lakhe.
Nokho uHugo Broos uhlabeke umxhwele ngokudlala kukaRelebohile Mofokeng bebhekene neLesotho ngoLwesihlanu ebusuku.
Lo mdlali oneminyaka engu-20 ubudala uwine umklomelo woMdlali oVelele ekubeni bekungokokuqala eqala umdlalo eqenjini lesizwe.
Okumenze agqame kulo mdlalo eukudlala kahle, nokuthi nguye ovule inkindla eshaya igoli lakhe lokuqala kwiBafana ngesikhathi benqoba ngo 2-0 emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba ka-2026.
Umdlali wasesiswini uJayden Adams, naye obeqale umdlalo wakhe wokuqala njengoba ejwayeke ukungena esuka ebhentshini, nguye oshaye igoli lesibili.
Ukunqoba kuphushele iBafana esicongweni kuGroup C, la ishiya khona iBenin ngamaphuzu amabili.
IBenin yona idlale ngokulingana ngo 2-2 neZimbabwe ngoLwesine, kanti izobhekana neBafana emdlalweni olandelayo.
UHugo Broos ukholwa ukuthi ukuqaliswa kukaRelebohile Mofokeng kube ngesikhathi esihle nokuyinto abevele eyihlosile.
“Angikwazi ukuthembisa noma yimuphui umdlalo indawo yokuqala imidlalo njalo kwiBafana,” usho kanje lo mqeqeshi kwabezindaba ngemuva komdlalo obusePeter Mokaba Stadium.
“Sinabadlali abangu-23. Njengomqeqeshi, kufanele ngikhethe isikhathi esifanele sokufaka umdlali ohlwini lwabangu-11 abaqala umdlalo,” kuqhuba uBroos.
UHugo Broos uphinde wathi ukuzethemba kukaRelebohile Mofokeng nomoya wakhe wokulwela ukunqoba umdlalo kufakazele ukuthi isinqumo sakhe sokumqalisa besilungile.
“Ukube ubenomdlalo omubi, abantu bebezothi, ‘Mhlawumbe usemncane kakhulu, mhlawumbe akakalungeli ngokwanele ukuthwala izwe’.
“Ngiphinde nganikeza uJayden Adams ithuba lakhe, futhi naye ungihlabe umxhwele,” kwengeza lo mqeqeshi odabuka eBelgium.
Nokho uHugo Broos ugcizelele ukuthi abadlali abasebancane kumele bethulwe ngokuhlakanipha eqenjini elikhulu ngoba lo msebenzi abawenzayo uhambisana nengcindezi enkulu.
“Awukwazi ukuhlola umdlali okokuqala ngqa ubhekene neNigeria noma iBenin ngoba leyo imidlalo ihlukile ngokwezinga,” kuchaza uBroos.
Ukuqala kukaRelebohile Mofokeng ngendlela eqinile kusho ukuthi angakwazi ukuyigcina indawo yakhe uma iBafana seyibhekene neBenin e-Abidjan, e-Ivory Coast, ngoLwesibili.
FUNDA NALA | IPirates isivuke ngesinye isiklwibhisi esisesincane
Njengoba abadlali abajwayele ukuthwala iBafana esiswini, uThemba Zwane noPatrick Maswanganyi bobabili bengatholakali ngenxa yokulimala, uMofokeng ungene khaxa endaweni yabo.
