
U-Arthur Zwane usebenze buthule kuMaZulu, useza nokukhulu
Umqeqeshi waMaZulu FC u-Arthur Zwane useqophe umlando buthule – uhole Usuthu lwaqeda endaweni yesithupha kwiBetway Premiership.
Lena yindawo ephezulu kunazo zonke leli qembu eselike lazithola kumasizini amabili edlule.
Ingeyesibili ngokuba phezulu, ilandela eyesizini ka-2020/21 la AmaZulu aqeda khona endaweni yesibili ngemuva kweMamelodi Sundowns.
U-Arthur Zwane ujoyine AmaZulu ngo-Okthoba nyakenye njengomqeqeshi ozosebenza ngokubambisana noVusi Vilakazi.
Bafika iqembu ligingqa iqanda ngemuva kokuhlulwa kuyo yomithathu imidlalo yokuqala yesizini.
Ngaleso sikhathi leli qembu laseThekwini lalidunguzela, lisanda kuhliukana nomqeqeshi waseSpain uPablo Franco Martin.
Lease luqalile novalo lokuthi lingase lizithole lisempini yokuvika izembe.
Kodwa uma ubheka umdlalo wokugcina wesizini — la Usuthu ludlale khona ngokulingana ngo 1-1 ne-Orlando Pirates eMoses Mabhida Stadium – umehluko mkhulu.
Futhi uZwane – ogcine esele yedwa kulandela ukushiya kukaVilakazi – wenze okungaphezulu kokulisusa ezembeni.
Ubuyise ukuziqhenya, ukuzethemba nomuzwa wokuthi AmaZulu angaphinde abe yiqembu elilwela izindebe ngesikhathi esizayo.
Yize kube noshintsho, u-Arthur Zwane usazithobile futhi usezimisele ngokwenza okwengeziwe ngesizini ezayo.
“Bengilokhu ngingumuntu ofuna ukuwina – kusukela ngisengumdlali,” uZwane ucashunwe esho kanje kwiSportswire.co.za.
“Futhi manje njengoba sengingumqeqeshi, ngisafuna ukunqoba yonke imidlalo. Yilokho kuphela engingakwenza.”
Ubuholi buka-Arthur Zwane buhlabe umxhwele umengameli waMaZulu uSandile Zungu.
UZungu usekuqinisekisile ukuthi lo mqeqeshi uzoqhubeka nokuphatha kuleli qembu nangesizini ezayo.
Njengoba sekuqaliwe ukulungiselela makhempu okulungiselela isizini ezayo, kuyakhula okulindelwe Osuthwini.
UZwane uvumile ukuthi usemkhulu umsebenzi osazokwenzeka njengoba efuna bakhule kulokhu abebeyikho kule sizini.
“Sisazobheka esingakwenza ukuthuthukisa iqembu,” kwengeza uZwane ngokusayinwa kwabadlali abasha.
“Umgomo wethu bekuwukuqeda emaqenjini ayisishiyagalombili aphezulu — sikuzuzile ke lokho.
“Manje sesizobheka ukuqhubekela phambili ezintweni ezinkulu – senze kangcono ngokuzayo.”
UZwane uncome izinga lokukhula kwebhola kuleli, ebalula ukwenza kahle kwamaqembu akuleli emiqhudelwaneni yezwekazi.
“Lena yiligi enzima kunawo wonke e-Afrika,” kuvuma uZwane. Ubalulile ukwenza kahle kweMamelodi Sundowns, i-Orlando Pirates neStelleboscg FC.
“ISundowns, iPirates, iStellenbosch — bonke bafike kweyandulela eyamanqamu neyamanqamu emiqhudelwaneni yeCaf.
“Lokho kukhombisa ukuthi sesihambe ibanga elingakanani ngokukhulisa ibhola lethu.”
Uphinde waphawula nenqubekela phambili yokuthuthukiswa kwabadlali abasebancane okubonakala ngemiphumela yamaqembu esizwe.
Amaqembu aseNingizimu Afrika – elabafana abaneminyaka engaphansi kuka-17 nelabaneminyaka engaphansi kuka-20 womabili angenile eNdebeni yoMhlaba ngokwehlukana kwezigaba.
“Uma singaqhubeka nokwenza izinto ngendlela efanele, singafinyelela kude njengesizwe” kwengeza le nsizwa eke yacija iKaizer Chiefs.
AmaZulu manje azolungiselela isizini entsha futhi kulindeleke engeze abadlali abambalwa ukuqinisa iqembu.
Izoyivula ngomdlalo omkhulu isizini ezayo njengoba ezobhekana neStellenbosch kwiMTN8.
Ubuholi obuzolile bukaZwane nokuzethemba kwakhe nakutshale eqenjini kubuyise amandla Osuthwini — kanti ngesizini ezayo uthembisa okwengeziwe.
