EzintshaKaizer Chiefs

UNabi uncoma uTT, uveza okumkhathaza ngoMashiane

UTT usanda kushiya iChiefs wajoyina iqembu laseLibya i-Al-Ittihad kungazelele muntu.

Lo mdlali wasemuva oneminyaka engu-26 ubudala ujoyine iChiefs ngo-2023 esuka kwiSuperSport United. 

Udlale imidlalo engu-32 kwiChiefs ngaphambi kokushiya kwakhe. 

Umdlalo wakhe wokugcina kube yila benqobe khona ngo 1-0 beshaya iStellenbosch FC emasontweni amabili edlule.

UNabi ukhulume kahle ngalo mdlali odabuka eBotswana. Uthe uDitlhokwe ubehlezi esohlwini lwakhe lwabazoqala umdlalo. 

Naphezu kwalokho, ukwamukele ukuhamba kwakhe futhi lokhu ukubona kuyithuba elihle kuye lokuthi akhule.

“Ngifisela u-TT okuhle kakhulu ohambweni lwakhe olusha,” kusho uNabi.

“Ungumdlali osezingeni eliphezulu futhi ubehlale enikeza iKaizer Chiefs konke okusemandleni akhe. 

“Lesi yisinyathelo esihle kuye nomndeni wakhe. IChiefs ihlale ibahlonipha abadlali abanikela ngakho konke.”

UNabi uphinde waveza ukuthokoza kwakhe ngokubuya komdlali wasemuva u-Edmilson Dove. 

Ukholwa ukuthi uDove, odabuka eMozambique uzoqinisa emuva eqenjini.

“Ngiyajabula ukuthi uDove ubuyile,” kuqhuba uNabi. Angadlala njengomdlali wasemuva maphakathi noma kwesokunxele. 

“UHappy Mashiane naye ukhona, nakuba edinga ukubuyisa umgqigqo wakhe. 

“Ngokucacile, unamandla uma sihlasela, kodwa unezinkinga ezincane uma sesivala emuva.

“UDove ulwela ukuthatha indawo kaTT. Kwesinye isikhathi bekumele adlale emuva kwesokunxele.”