Ezintsha

Isililo kushona owayedlala kwiSundowns

Abadlali ababili bePhezulu FC balahlekelwe izimpilo zabo engozini yomgwaqo u-P185 phakathi kweSecunda ne-Evander.

Ingozi yenzeke ngabo-1:20 ekuseni. Izinsizakalo eziphuthumayo, ezihlanganisa i-EMS ne-ER24, ziphendule ngokushesha.

Bafice izimoto ezimbili ezithintekayo kule ngozi. Ngokudabukisayo, kushone abantu ababili endaweni yesigameko. 

Abanye ababili balimale kanzima futhi badinga usizo lwezempilo oluphuthumayo.

Abashonile bahlonzwe ngoSiyabonga Zulu (31) owayengumdlali weMamelodi Sundowns noNhlanhla “Voda” Masina. 

Bobabili bebedlala kwiPhezulu FC edlala kwiMpumalanga ABC Motsepe League. 

Ukushona kwabo kushiye ozakwabo, abalandeli neqembu lonke lingakholwa.

Omunye umdlali wePhezulu FC, uMosadi, usesimweni esibucayi. Uthola ukwelashwa esibhedlela sendawo. 

Abezimo eziphuthumayo belaphe abalimele ngaphambi kokuba babaphuthumise esikhungweni sezokwelapha.

IPhezulu FC ayikasikhiphi isitatimende esisemthethweni. 

UZulu uke wabonakala enekusasa elihle ebholeni lakuleli, wasayiniswa nguPitso Mosimane kwiSundowns esuka kwiPlatinum Stars. 

Izinkinga zangaphandle kwenkundla nokho ziphazamise inqubekela phambili yakhe wagcina exoshiwe yiSundowns.

Uphinde waduma ngemuva kwezinkinga zakhe nonina wengane yakhe, uMakgotso Mofokeng owaziwa ngelikaGogo Maweni.