Bafana BafanaEzintsha

Okujabulisa uTyson Hlatshwayo ngezitobha zeBafana

Owayengumdlali we-Orlando Pirates neBafana Bafana, u-Thulani Hlatshwayo, ukholwa ukuthi uPitso Mosimane unawo wonke amathuluzi – ikakhulukazi emuva.

UMosimane usezobhekana nomdlalo wakhe wokuqala esikhathini sakhe sesibili njengomqeqeshi weBafana uma bebhekene neGuinea ngoMgqibelo.

Lo mdlalo uzoba ngowokuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-2027, kanti uzodlalelwa e-Orlando Amstel Arena.

IBafana izobe ingenaye uMbekezeli Mbokazi ngenxa yokulimala, kodwa uMosimane usenabadlali abafana no-Ime Okon odlala eGermany no-Olwethu Makhanya, osefomini enhle kwiGlasgow Rangers eScotland.

UHlatshwayo uthi iNingizimu Afrika inenhlanhla enkulu ngabadlali enabo kule ndawo.

“Sibusisekile. Ngicabanga ukuthi endaweni yasemuva maphakathi nenkundla, iNingizimu Afrika ibusisekile,” kusho uHlatshwayo.

“Akukhona nje ukuthi bahle, kodwa kukhona nekusasa ngoba banamandla futhi basebancane.”

UHlatshwayo ubalule u-Okon noMbokazi, waphinde wakhomba uMakhanya, uLebone Seema noSamukele Kabini.

Uthi uKabini naye unamandla okudlala emuva maphakathu nenkundla yize ekwazi ukudlala emuva ngakwesokunxele.

“Ngicabanga ukuthi sibusiswe ngokweqile ngabadlali abadlala kule ndawo. Ikusasa libukeka lilihle,” kusho yena.

“Manje ngalesi sikhathi esisha sika-Pitso Mosimane, noma ngubani odlalayo noma uzohlanganisa baphi, okubaluleke kakhulu ukuthi basekane.”

UHlatshwayo ukholwa ukuthi ukudlala e-Europe nase-US kuyabasiza kakhulu laba badlali.

Uthi ukuthola ulwazi ngaphandle kwezwe kubenza baqonde kangcono izinhlobo ezahlukene zabadlali nezindlela zokudlala.

“Badlala e-Europe nase-US. Ngicabanga ukuthi kuhle kakhulu ukuthi bathole leyo nselelo nolwazi,” kusho yena.

U-Thulani Hlatshwayo uthe uMakhanya uyisibonelo esihle salokho, njengoba ekhule kusukela ngesikhathi edlala kwiStellenbosch, wadlulela kwi-MLS, manje use-Europe.

Ubuye wakhumbula umdlalo neMexico, lapho uMakhanya akwazi khona ukunikeza ozakwabo ulwazi ngabadlali baseMexico ababedlala kwi-MLS.

“Ukuba nabanye abaningi abanjalo ngicabanga ukuthi kuyasisiza njengezwe,” kusho uHlatshwayo.

Uphinde wakhumbula abadlali abafana no-Aaron Mokoena, noLucas Radebe, abathola ulwazi lwaphesheya besebancane.

U-Thulani Hlatshwayo uthi lokho kubaluleke kakhulu kubadlali basemuva ngoba le ndawo ivamise ukukhiqiza nabaholi beqembu.

Uphinde wathi abadlali beBafana abadlala kwiMamelodi Sundowns bazozuza kakhulu ngokudlala kwiFIFA Intercontinental Cup.

ISundowns, eqeqeshwa nguMiguel Cardoso, ishaye i-Al Ahli yaseSaudi Arabia ngo-2-1 ngempelasonto edlule, kanti isengase ibhekane neParis Saint-Germain.

“Nalapha ekhaya sinabadlali abafana noKhuliso Mudau no-Aubrey Modiba abadlalela iMamelodi Sundowns. 

“Uma ubheka ulwazi asebelutholile kuze kube manje, luzobasiza kakhulu,” kusho uHlatshwayo.