
Ukhonjwa eGauteng uFawaaz Basadien ongasaziciji neStellies
UFawaaz Basadien ubengeyona ingxenye yeqembu ngesikhathi iStellenbosch FC iziqeqesha ngoLwesine ekuseni kanti izinkomba zithi usendleleni ebheke eGauteng.
Imibiko eyahlukene iveza ukuthi uFawaaz Basadien usezoshintshela kwiMamelodi Sundowns njengoba izingxoxo phakathi kwala makilabhu ziqhubeka kahle.
Eqinisweni, kuphakanyiswa ukuthi sekusele ukuthi uBasadien ahlolwe odokotela beziqhwaga zaseTshwane bese kuphothulwa isivumelwano naye.
AmaBrazilians angelinye lamaqembu amabili eBetway Premiership osekunesikhathi eside ekhombisa uthando lwalo mdlali wasemuva.
Elinye iqembu elike lakhombisa ukumthakasela yizimbangi zalo iKaizer Chiefs, nakuba lona seliyekile lasayina abanye abadlali basemuva kwesokunxele.
ISundowns ibingakasayini mdlali kuleli windi kwazise beyikwiFifa Club World Cup futhi ibuyele ejimini kuleli sonto.
Manje kubukeka izovele iqale ngokubamba okuwona umkhulukazi ufishi ngokusayina uFawaaz Basadien.
I-SABC Sport ibika ukuthi lo mdlali weBafana Bafana ubebukela ehlezi ngaphandle ngesikhathi iStellies izilolonga ngoLwesine ekuseni.
Kuvela ukuthi ubezovalelisa kozakwabo ngaphambi kokubopha imithwalo alibangise ePitori ukuyojoyina iSundowns.
UBasadien ubezilolonga neStellies kusukela ibuyile ekhefini langemuva kwesizini edlule.
IStellies ibimanqikanqika ukuthengisa uBasadien isikhathi eside yaze yelulela lo mdlali inkontileka ukukhombisa ukuthi ayifuni ngaye.
Lokhu kuphoqe amaqembu amfisayo ukuthi angene adephe ephaketheni ukuze akwazi ukumthola lo mdlali.
Kuvela ukuthi lokhu kube ngesinye sezizathu ezenze iChiefs yasihoxisa isifiso sayo sokumssayina.
Kodwa-ke, iSundowns, engomachaphuna kusale, yona kubukeka iqhubekile futhi seliwunqobile umjaho wokusayina lo mdlali.
Labo mpetha beligi basanda kuthenga umgadli u-Iqraam Rayners nomdlali wasesiswini uJayden Adams kwiStellies ngemali enhle.
Kuthiwa nangoBasadien ibeke imali ebhekile etafuleni, eyenze kwaba nzima kuleli qembu ;aseCape Winelands ukuthi linqabe.
Njengoba uFawaaz Basadien engazange aziqeqeshe neqembu, lokhu kuphakamisa ukuthi kungenzeka ukuthi iStellies seyivumile ukumdedela.
WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO
