Ezintsha

UJose Riveiro uthi bazoyijwayela iVAR abayisolayo

Izivakashi zabo kulo mdlalo obuseFNB Stadium zinqatshelwe amagoli amabili kanti uphele zibambene ngo 0-0.

Umqeqeshi wePyramids uKrunoslav Jurcic uphatheke kabi ngemuva kokuthi iVAR ichithe amagoli abo amabili.

Elokuqala kutholakale ukuthi umgadli wakhe uFiston Mayele ubesendaweni engamfanele elishaya, elinye kwathiwa lidlalwe ngesandla kuqala.

Kodwa ngemuva komdlalo uJurcic ubengenelisekile, wathi, “Ngiwine umdlalo ngo 2-0. Ngiyayithanda impela i-Afrika kodwa hhayi uma kwenzeka ngale ndlela.”

Kepha uJose Riveiro akavumelananga naye, wathi uJurcic uzobona ukuthi iVAR ishaye emhlolweni uma esebukisisa kahle ngokuhamba kwesikhathi.

“Akubanga nagoli. Uma unompempe esho kanjalo, kusho ukuthi kunjalo,” kusho uJose Riveiro.

Wengeze ngokuthi i-VAR iseyintsha emaqenjini amaningi futhi ukucasuka okufana nokukaJurcic kujwayelekile.

“Ngiyakuqonda ukukhungatheka kwabo, kodwa izikhulu zenze izinqumo ezifanele.”

URiveiro uncome ithimba lonompempe ngokwenza “umsebenzi omuhle.”

Ukholwa ukuthi uma iPyramids seyibuyekeza ividiyo, izozamukela lezi zinqumo.

Uphinde wanxusa amakilabhu ukuthi amukele iVAR njengengxenye yebhola lesimanje.

UJose Riveiro uphinde waveza imizwa yakhe ngalo mdlalo, ethi bewufanelwe ukuba namagoli.

“Bekuwumdlalo omuhle, bekuwumbukiso okhangayo,” kuqhuba lo mqeqeshi odabuka eSpain.

Ubalule ukuthi womabili amaqembu abedlala ngezindlela ezahlukene futhi abengachithi sikhathi.

“Sizilawulile izingxenye zomdlalo, ikakhulukazi ekuqaleni kwesiwombe ngasinye.”

Kodwa-ke, uvumile ukuthi bahlulekile ukuwulawula ngasekupheleni kwazo zomabili iziwombe.

Umqeqeshi we-Orlando Pirates ubone umdlalo ufanelwe ukuba namagoli.

“Ubungabukeki uzophela ngo 0-0. Womabili amaqembu akhe amathuba amahle,” kuqhuba yena.

Umlenze wesibili uzoba se-Egypt ngoLwesihlanu. Womabili amaqembu asenethuba lokuzibekela indawo kowamanqamu weCaf Champions League.