Ezintsha

Ayisacaci kahle ekaRamovic neRaja, uSukazi akayingeni

URamovic nguyena obehamba phambili ekuthatheni indawo kaJosef Zinnbauer oshiyile kulezi zinkunzi zaseMorocco.

UZinnbauer ushiye yize kade ebe nempumelelo encomekayo kwiRaja, wahehwa yimali enhle azoyihola kwi-Al-Wehda edlala kwiSaudi Pro League. 

Ushiye ngemuva kokuhola iRaja engakaze ehlulwe, ewine izicoco ezimbili, iBotola Pro 1 neTrone Cup.

Yize kungasacaci ukuthi lento ibhekephi, uTim Sukazi uthi usamile kwelokuthi uyameseka uRamovic. 

Lo mqeqeshi oneminyaka engu-45 ubudala uhehe ompetha beBotola Pro 1 ngemuva kokuba nesizini encomekayo kwiDStv Premiership. 

Uqede endaweni yesithupha kwiligi futhi wafinyelela kowamanqamu kwiCarling Knockout.

“Ngicabanga ukuthi ngike ngasho ukuthi iRaja Casablanca ifuna uSead Ramovic,” kusho uSukazi kwabezindaba.

“Futhi ngasho ukuthi bayiqembu elikhulu, elinye lamaqembu amahlanu aphezulu ezwenikazi.

“Ngasho ukuthi uma kwenzeka, kuyithuba elikhulu kuye njengomuntu nasemsebenzini wakhe futhi ngizomeseka.

“Angifihli lutho ngakho-ke akuyona indaba yami (ukuthi kwenzekeni), angisebenzi kwiRaja.

“Ukuthi bagcine bephethe ngokuthi bathatha umqeqeshi uRamovic noma cha, yibo okumele bakukhulume lokho.

“Mayelana ne-TS Galaxy, sisendaweni enhle, uyabona ukuthi sizilungiselela kahle kakhulu.

“Futhi nomqeqeshi wethu ukhona ngakho akukho okumele sikhathazeke ngakho.”

Imibiko iveza ukuthi uRamovic ufuna ukufika nethimba lakhe elizomsiza kuleli qembu laseMorocco kanti lokho ngathi abahambisani nakhi kwiRaja.