EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou uveza agxile kukhu ekhempini yePirates

Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, useveze lokho agxile kukho njengoba iqembu lilungiselela isizini.

Uthi umsebenzi wakhe omkhulu njengamanje ukwakha iqembu eliqinile ikakhulukazi ekuvaleni emuva.

IPirates ingena kule sizini inethemba elikhulu ngemuva kokunqoba izicoco ezintathu ngesizini edlule. 

U-Ouaddou uthi ufuna ukwakhela phezu kwaleyo mpumelelo.

“Le yindawo ebalulekile kimina ngoba ngangidlala emuva. 

“Ngikholwa ukuthi uma ufuna ukunqoba izindebe, kufanele uqale wakhe isisekelo esiqinile,” kusho u-Ouaddou.

Uthe ukuvimba kahle emuva akukho ngababadlali basemuva kuphela, kodwa kulele kubo bonke abadlali abasenkundleni.

“Uma sikhuluma ngozikuvikela, asikhulumi ngabane basemuva kuphela,” kuqhuba yena. 

“Sikhuluma ngeqembu lonke. Kufanele sonke sazi ukuthi siyicindezela nini imbangi, kuphi futhi kanjani ukuze siphinde sithole ibhola.”

Lo mqeqeshi waseMorocco uthe abadlali bakhe kufanele bahlale becabanga ngendlela efanayo ngesikhathi besenkundleni.

“Ngihlale ngibatshela ukuthi uma bonke abadlali abangu-11 bekwazi ukuphendula le mibuzo emithathu ngesikhathi esisodwa, siba sethubeni elikhulu lokuphinde sithole ibhola futhi siqine.”

Yize ejabule ngendlela iqembu elidlale ngayo libhekene neCordoba emdlalweni wokuzizwa amandla, u-Ouaddou uthe usakhathazekile ngokudedela igoli.

“Ngijabule ngendlela iqembu eliziphathe ngayo namuhla, kodwa angikwazi ukujabula ngokuphelele ngoba sidedele igoli,” kuphetha yena.

U-Abdeslam Ouaddou uyazi ukuthi kubhekwe lukhulu kwi-Orlando Pirates yakhe kule sizini ezayo.

Yingakho enza konke ukuqinisekisa ukuba neqembu elizokwazi ukusebenzisana, lisizane enkundleni.