
OweDowns uhlonza elingase limphazamise kweseligi
- Sibongiseni GUMBI
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns, uManqoba Mngqithi, useveze ukuthi i-Orlando Pirates iyona kuphela engamphazamisa ekuvikeleni isicoco seBetway Premiership.
Imidlalo yePremiership ka-2024/25 izoqala ngokusemthethweni ngoSepthemba 14 ngemuva kwekhefu leFifa.
AmaBrazilians azobe ebheke ukwelula irekhodi lawo lifinyelele kweziyisishiyagalombili zilandelana izicoco zeligi.
Umkhankaso wayo izowuvula ngomdlalo wabo nomakhelwane iSuperSport United ngoSepthemba 17.
“Yi-Orlando Pirates, ngoba inesikwati esikhulu futhi nezinga labadlali liphezulu,” kuphendula uMngqithi.
Ubebuzwe ukuthi yiliphi iqembu alibona lisesimweni esikahle ukuthi lingamphazamisa esicocweni seligi.
Lo mqeqeshi owake waqeqesha iGolden Arrows ucabanga ukuthi iStellenbosch FC izophelela amandla endleleni.
IStellies ngelinye lamaqembu akhombisa ukukhula okumangalisayo futhi iqede endaweni yesithathu ngesizini edlule.
“Angicabangi ukuthi (i-Stellenbosch) inabadlali abenele ukukwazi ukubambelela isizini yonke,” kwengeza.
“Buka, (iPirates) kuzoba yiqembu elingasinika inselelo kule sizini kodwa inomkhuba wokuhlulwa uma ibhekene namaqembu amancane.
“Iligi iwinwa ngokuwina yonke imidlalo emincane. Noma ingakwehlula (iPirates) kodwa uma ushaya amanye amaqembu ungayinqoba iligi.”
Isizini entsha iqale ngendlela edumazayo kulezi zinkunzi zaseTshwane, ziwashiswa ijezi kwiMTN8 emidlalweni eyandulela owamanqamu.
Manje iSundowns seyibheke ukwenza kahle kweminye imiqhudelwano esele njengoba iminingi ezodlala kuyo kule sizini.
