EzintshaOrlando Pirates

U-Ouaddou ubalisa ngento emlalisa obenyoni kwiPirates 

Umqeqeshi we-Orlando Pirates u-Abdeslam Ouaddou useveze into emkhathazayo futhi emlalisa obenyoni.

Yize eneqembu elikhulu, u-Ouaddou uthi indawo yasemuva kwesokudla imnika inkinga njengoba uKamogelo Sebelebele kunguye kuphela umdlali odlala kuyo.

UThabiso Lebitso, uBandile Shandu noSiyabonga Ndlozi bahambile. UTshepo Mashiloane yena ubolekiswe kwiSekhukhune United.

Omunye obedlala kule ndawo, uDeano van Rooyen, ushiya iPirates isigubhukane qede wajoyina iMamelodi Sundowns.

Lokhu kushiye u-Ouaddou noSebelebele kuphela, kanti uthi njengoba i-Orlando Pirates inemidlalo eminingi kule sizini, ngeke akwazi ukuyidlala yonke.

“Kuyinkinga enkulu ukuba nomdlali oyedwa… Ngiyamthanda uSebelebele,” kusho u-OUaddou.

“Kodwa ngeke ngimgqilaze ngokuthi adlale imidlalo engu-60. Kunzima; akalona irobhothi.”

Uthe yize zikhona izindlela angenza ngazo, kodwa zifana nokuqhunyelwa yisondo lemoto bese usebenzisa isipele.

“Ngezinye izikhathi ngingathola izixazululo, njengesondo eliyisipele uma imoto yakho inenkinga, kodwa lelo sondo ngeke lisebenze ngaso sonke isikhathi.

“Ngingasebenzisa umdlali wamaphakathi nendawo, kodwa engadlala mhlawumbe imidlalo emibili.

“Kukhona noGhamphani Lungu, kodwa naye usalimele ngakho ngeke ngimbale kakhulu,” kuchaza lo mqeqeshi.

I-Orlando Pirates ifuna ukudlala ibhola elihlaselayo isebenzisa izimpondo, ngakho u-Abdesam Ouaddou uthi kubalulekile ukuba nomdlali ofanele.

Njengoba iwindi lokudayiselana ngabadlali lisavuliwe, kulindeleke ukuthi iPirates ifune omunye umdlali ozoncintisana noSebelebele.