
UMbuyane uveza okwenza abadlali bakuleli bahluleke phesheya
Ingwazi ye-Orlando Pirates, uThulasize “Juju” Mbuyane isiveze umbono wayo ngokuthi kungani abadlali abaningi bakuleli bengazinzi phesheya.
Ukhala ngokuthi iningi labadlali bakuleli – ikakhulukazi abakhulele emalokishini – basheshe babuye kuleli noma ngabe banamakhono amahle kanjani.
Engxoxweni ekhethekile abe nayo neLisenethini, uMbuyane uthe iyakhathaza lento ngoba bayeka amathuba okukhula ebholeni – benze nemali ebhekile.
“Yingoba bathanda ubumnandi base malokishini lobu obungekho ezindaweni zabamhlophe ikakhulukazi phesheya kwezilwandle,” kusho uMbuyane.
“Lamaqembu abasuke beye kuwo ayisilungu kakhulu manje kubanika ingcindezi enkulu ngoba bona abakwazi ukujwayela impilo yokuphilela ibhola kuphela.
“Uma ubheka abadlali bamakhaladi bona bayakwazi ukuhlala phesheya kwezilwandle baze babuye sebethathe umhlalaphansi.
“Lokho kubavulela amathuba okuthi bathole amathuba amahle khona phesheya noma sebewagaxe emgibeni amakhokho.
“Nababuyayo kuleli basuke sebezodlala isizini eyodwa noma amabili kwiPSL bese bethola eminye imisebenze emaqenjini ngenxa yamava abasuke bebuye nawo phesheya.”
Kwabanye abadlali obekubhekwe lukhulu kubo phesheya kodwa abasheshe babuya singabala uBongani Zungu, uKamohelo Mokotjo no-Andile Jali.
FUNDA NALA | Ingwazi yeChiefs ayimuzwa kahle u-Appollis
UJali wakhala ngokuthi usekhumbule ekhaya ngesikhathi edlala eBelgium, wabuyela kwiMamelodi Sundowns. Ube esedlala nakwiMoroka Swallows neChippa United.
UZungu yena wake kwaba nezikhalazo zokuthi impilo ayiphilayo ayihambisani nemigomo yeqembu ngesikhathi ekwiGlasgow Rangers eScotland.
– Alfred Ngubane
