
Ingwazi yeChiefs ayiboni simanga ku-Appollis wePirates
Ukusayina kuka-Oswin Appollis kwi-Orlando Pirates ngenye yezinto ezizamazamise ibhola lakuleli kwazise bekubhekwe ngabomvu ukuthi lo mdlali uzophelelaphi.
Lokhu kulandela ukuthi ebefunwa amaqembu amaningana okubalwa nezimbangi ezinkulu zePirates, iKaizer Chiefs.
Ukuphelela kwakhe kweZimnyama kubajabulise kakhulu abalandeli bazo njengoba iqembu labo lihlule Amakhosi ekutholeni lo mdlali onekhono elihle.
Nokho ingwazi yeChiefs, uJunior Khanye ithi ayisiboni yona isimanga esibatshazwa ku-Appollis ngoba akakwazi ngisho ukususa indoda uma iphambi kwakhe.
“Umdlalo ka-Appollis wokuqala, wenza kahle impela kodwa manje udlala ngendlela esobala kakhulu, kulula ukumqagela ukuthi uzokwenzani ngebhola.
“Akanawo umjiko. Ngiyezwa nje nithi kumele adlale ophikweni lwesinxele, kodwa kunabadlali abahle emaqenjini athile,” kusho uKhanye.
“Ekudlaleni kwesokunxele kwiPirates, angiboni kahle, akakangichazi. Uzokwazi nje ukudlala leli bhola lokuphaselana?
“Uzokwazi ukungena ngaphakathi abelane nozakwabo ngebhola uma befuna ukulawula umgqigqo womdlalo?
“KwiPirates kubalulekile ukuthi ngaphambi kokuthi basayine umdlali babheke ukuthi uzongena kahle yini ohlakeni lwabo.
“Asikhulumi ngokwenza kahle emdlalweni owodwa lana, sikhuluma ngokugcina umgqigqo isikhathi eside,” kwengeza uKhanye.
Ube eseqhubeka esola lo mdlali ngokuhluleka ukwenza izinto ezincane kodwa ezibalulekile – athi akukhombisi ukuthi ungumdlali weqembu lesizwe.
FUNDA NALA | ISekhukhune isabisa iChiefs ngesikweletu engasikhokhi
“Ngiqaphele izinto eziningi ngaye. Uma ungakwazi ukubamba ibhola, sikhuluma ngomdlali weqembu lesizwe la, kwiPirates ubuye ahluleke ukubamba ibhola.
“Ugijima ayogebha ezindaweni ezingafanele, uhlezi ekhahlelela ipali. Kusazomele azibonakalise kwiPirtaes,” kuphetha le ngwazi.
