Ezintsha

ICasric Stars igabhe abazakhela igama kwiPirates neChiefs

Kulabo badlali kukhona owayengumgadli we-Orlando Pirates uKermit Erasmus, nowayedlala esiswini u-Augustine Mahlonoko nowayengumdlali wasemuva kwiKaizer Chiefs, uYagan Sasman.

U-Erasmus, oneminyaka engu-35 ubudala, ushaye igoli elibalulekile ngosuku lokugcina lwemidalo yangesizini edlule nelifake leli qembu kweyokuhlungela ukunyukela kwiBetway Premiership. 

Naphezu kobuqhawe bakhe, uyena uMahlonoko noSasman baphakathi kwalabo abakhonjwe indlela njengoba leli qembu laseMpumalanga belizihlela kabusha.

Abanye abakhonjwe indlela ngoLebohang Lesako, Ofentse Tiholoe, Malesela Chokoe, Medupi Thokolo, Lesego Sebetlela, Abbey Seseane, Atusaye Nyondo, Oageng Phiri, Katleho Molaba, noMarc Anderson. 

UMahlonoko, ongumdlali ophuma enkulisa yePirates, wakhushulelwa eqenjini lokuqala ngo-2018 kunesasasa elikhulu ngenxa yekhono lakhe. 

Kwakubhekwe ukuthi agcine engomunye wezihlabani zeqembu. Kodwa akazange abe nomthelela otheni eqenjini elikhulu. 

ILisenethini ike yabika ngenyanga edlule ukuthi lo mdlali uyohlolwa yiqembu elizinze e-US.

Khonamanjalo iStars iqede endaweni yesithathu ngesizini edlule kwiMotsepe Foundation Championship okuyifake kweyokuhlungela ukunyukela esigabeni esiphezulu.

Nokho ihlulekile kule midlalo yeligi yamaqembu amathathu, yagcina iqede endaweni yesithathu, kwanyuka i-Orbit College. 

Ukulungiswa kabusha kweqembu kubonisa isiqalo esisha kule kilabhu esizibophezele ekulweleni ukukhushulelwa esigabeni esiphezulu ngokunqoba iChampionship. 

Futhi lezi zinguquko zibukeka zingazange ziyiphazamise kule sizini njengoba ivule umkhankaso wayo ngokunqoba ngo 3-0 ekuhambeni ishaya iBlack Leopards. 

Lo mphumela uyithathe wayibeka eqhulwini kwilogi yeMotsepe Foundation Championship.