EzintshaMamelodi Sundowns

Mkhulu umthelela womphumela womdlalo woSuthu neSundowns

Ngemuva kokuphuma ngendlela eshaqisayo kwiNedbank Cup, amaBrazilians asebuyisele ukugxila kwawo emjahweni wesicoco seligi. 

Inhloso icacile: ukunqoba ngamagoli amabili noma ngaphezulu kuMaZulu FC kuzokwenza iSundowns yeqe i-Orlando Pirates iye endaweni yokuqala ngomehluko wamagoli.

Izinombolo: Ngokuma kwezinto njengamanje, iPirates iphezulu kwilogi ngamaphuzu angu-38 nomehluko wamagoli ongu +19. 

IMamelodi Sundowns ihlezi endaweni yesibili ngamaphuzu angu-35 nomehluko wamagoli ongu +18.

Isimo sokuqala: Ukunqoba kweSundowns ngegoli elilodwa kuzoyibeka kumaphuz angu-38 kodwa ibe ngemuva kwePirates (+19 vs +19.

Kodwa iPirates njengamanje inamagoli amaningi ewashayile okuzoyenza iqhubeke ibe phezulu.

Isimo sesibili: Uma iSundowns iwina ngamagoli aamabili kuya phezulu, izobuyela phezulu okokuqala kusukela ngoJanuwari.

Ngesikhathi iSundowns ijaha lesi sicoco, AmaZulu ka-Arthur Zwane wona alwela ukubuyela emjahweni wesicoco. 

Njengamanje ahlezi endaweni yesihlanu ngamaphuzu angu-30, futhi asefomini engcono kakhulu.

Iwine emine emidlalweni emihlanu edlule kuyo yonke imiqhudelwano njengoba ibheke kulo mdlalo wangoLwesibili.

Ngokunqoba lo mdlalo, nakhu okungazuzwa AmaZulu ngaphezu kwamaphuzu amathathu:

  • Indawo yesithathu: Uma AmaZulu ehlula iSundowns bese iKaizer Chiefs (esendaweni yesine ihluleka ukunqoba kwiStellenbosch FC, Usuthu uzokhuphukela endaweni yesithathu.
  • Ukunyusa ukuzethemba: Ukunqoba kungaqeda ishobolo leminyakanyaka leli qembu lagcina ukushaya iSundowns – lagcina ngo-2023. 

Ngemuva kokuthi kokungasebenzi kokuzanywa kweqembu elihlukile kwiNedbank Cup, uMiguel Cardoso kulindeleke ukuthi abuyele kwizethenjwa zakhe. 

Lokhu kusho ukubuya komdlali waseColombia uBrayan León, osehlohle amagoli ayisithupha emidlalweni eyisikhombisa, noTeboho Mokoena phakathi kwabanye.

U-Arthur Zwane, nokho, unxuse iqembu lakhe ukuthi lingayikhombisi “inhlonipho” engako iSundonws.

“Sisekhaya manje, kufanele sisebenze… ngomzuzu okhombisa ngawo amaqembu amakhulu inhlonipho, agibela phezu kwakho,” kusho uZwane.

Njengoba iSoweto Derby izofika kulo Mgqibelo, iMamelodi Sundowns nePirates bangaphansi kwengcindezi enkulu.

KuMaZulu, ngoLwesibili ebusuku azothola isivivinyo esikhulu sokuthi ngabe asekulungele ngampela yini ukulwela izindebe.