Banyana BanyanaEzintsha

Singompetha, ngakho kumele sidlale njengabo – Salgado

UGabriela Salgado uthi ithuba lokufakazela lokho yingesikhathi bebhekana neNigeria emdlalweni owandulela owamanqamu kwiCaf Women’s Africa Cup of Nation (Wafcon) ngoLwesibili ebusuku.

Labo mpetha babheke ukunqoba izicoco zalo mqhudelwano kulandelana ngemuva kokuphakamisa isicoco sabo sokuqala eminyakeni emithathu edlule.

Ngesikhathi bewina indebe yabo yokuqala, bahlule iSuper Falcons (iNigeria) baphinde baqopha umlando benqoba kwiMorocco kowamanqamu.

Yize iNigeria izishaya isifuba ngerekhodi elihle lezindebe eziyisishiyagalolunye zeWafcon, iBanyana yiyo ebonakala ibusa ebholeni lase-Afrika muva nje.

Isihlule lezi zinkunzi zaseNtshonalanga Afrika emidlalweni emibili yokugcina kwemithathu kwiWafcon.

“Yitho ompetha abavikela isicoco. Kufanele lokho sikubonise nasenkundleni uma sidlala,” kusho uGabriela Salgado.

Ubekhuluma nabezindaba ngaphambi komdlalo owandulela owamanqamu ozoba seLarbi Zaouli Stadium, eCasablanca. eMorocco.

“Sisekwa yizwe lonke. Imindeni yethu iyaseseka. Manje osekusele wukuthi sizethembe, sikholelwe kwesikwenzayo…

“Kumele sesekane, bese sidlala uhlobo lwebhola esaziwa ngalo. Bese kuthi uma amathuba evela, siwasebenzise.”

UGabriela Salgado, owaphuthelwa umqhudelwano wango-2022 ngenxa yokulimala, ulambele ukusiza iqembu liphinde lidle isicoco nakulokhu.

“Ukuba kowamanqamu kungaba yinto emangalisayo hhayi kimina nje kuphela, kodwa naseqenjini nakubalandeli ngokunjalo. 

“Sikhuthazana, siyabungazana. Yilokho okwenza leli qembu libe ngelikhethekile.

“Siyilindele inselelo ezayo njengeqembu. Siyazi ukuthi yini esiyilwelayo – futhi sesilungile.” Umdlalo uqala ngo-6pm. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO