
UMatlou uveza umehluko kwiChiefs neStellies
U-George Matlou uthi ujabule kakhulu ngokuqala isahluko esisha emsebenzini wakhe webhola ngemuva kokusayina inkontileka yesikhathi eside neStellenbosch FC.
Lo mdlali wasesiswini oneminyaka engu-28 ubudala ujoyine iStellies ngemuva kokuhlukana neKaizer Chiefs ekupheleni kwesizini edlule.
UMatlou uthi iStellenbosch iyiqembu elihleleke kahle, elinomoya wokunqoba, futhi lokho kube ngesinye sezizathu ezinkulu ezenze wakhetha ukuqhubeka nomsebenzi wakhe eCape Winelands.
“Ngijabule kakhulu ukuba lapha nokuba yingxenye yeStellenbosch Football Club,” kusho uMatlou.
“Ngibheke ngabomvu ukuqala lolu hambo olusha engilukhethile.”
Uveze ukuthi eminyakeni edlule, uma bebhekene neStellenbosch, wayeyithakasela indlela iqembu elidlala ngayo nokuthi belihlale lilwa njalo.
“IStellenbosch iyiqembu elihleleke kahle, elidlala ibhola elihle futhi elihlale lilwa njalo ngesizini.
“Ngiyazibona nami ngiyingxenye yalokho,” kwengeza u-George Matlou.
“Njengoba bengilokhu ngilibuka futhi ngidlala nalo eminyakeni edlule, ngabona ukuthi leli yiqembu elinomoya wokunqoba futhi eliyindawo engingakhula kakhulu kuyo.
“Ngeke kube yisizini elula, futhi lolu wuhambo olude. Kodwa uma sigxila emdlalweni ngamunye futhi siqhubeke nesifiso sokunqoba, singafeza izinto ezinkulu ndawonye.”
- FUNDA NALA | IChiefs iqinisa imizamo yokuthola uPhili
U-George Matlou akamusha eWestern Cape njengoba wake wadlalela iCape Town All Stars neCape Umoya United ngesikhathi ebolekiswe yiBidvest Wits.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
