
Sikhosana: UMbekezeli Mbokazi ‘uyoshaya ijika e-US’
Ngu-Alfred NGUBANE
Ingwazi ye-Orlando Pirates ephinde ibe yinxusa leHollywoodbets uJerry Sikhosana isidalule ukuthi kungani ikholwa ukuthi uMbekezeli Mbokazi uzohlala isikhathi esincane kwi-US Major League.
USikhosana ubona umnyakazo kaMbekezeli Mbokazi wokuya kwiChicago Fire njengendlela enqamulelayo ebheke eYurophu.
USikhosana uthe isimo seMLS ivumela abadlali abasebancane ukuthi bathuthuke ngokudlala nezihlabani ezinamava ezisuka emazingeni aphezulu eYurophu.
“Indlela yokuthi uMbekezeli Mbokazi angene eYurophu njengamanje wukuthi adlale kwiMLS,” kusho uSikhosana.
“Lokhu kungenxa yokuthi uzobe edlala nabadlali abaningi asebephuma emaqenjini amakhulu aseYurophu.
“Lokhu kuzomnika ithuba elihle lokukhula ngendlela ebingeke ivele ngenye indlela.”
UMbekezeli Mbokazi usanda kusayina kwiChicago Fire inkontileka yeminyaka emihlanu.
Lo mdlali wasemuva ujoyina uhlu olukhulayo lwabadlali abasebancane baseNingizimu Afrika abathola amathuba ngaphandle kweBetway Premiership muva nje.
Obengumdlali waphabili kwi-Orlando Pirates uMohau Nkota usanda kuthuthela kwi-Al Ettifaq ekuqaleni kwale sizini.
Umdlali wasemuva osemncane uTylon Smith naye usanda kuya phesheya la ejoyine khona iQueens Park Rangers edlala kwi-English Championship.
FUNDA NALA | UMngomeni nesicelo esikhulu kuMofokeng weBucs
Khonamanjalo u-Ime Okon uyaqhubeka nohambo lwakhe lwase-Europe la edlala khopna kwiHannover 96 eGermany.
ZITHOLE ZISHISA: Cofa lapha usithole kwiWhatsApp Channel yethu
