
U-Ouaddou udalula isu abenalo ngo-Appollis kowamanqamu
Umqeqeshi we-Orlando Pirates, u-Abdeslam Ouaddou, usechaze isizathu sokushiya u-Oswin Appollis ebhentshini emdlalweni wanamqanu weMTN8.
IPirates ihlulwe yiMamelodi Sundowns ngo-2-0 kulo mdlalo obuseMoses Mabhida Stadium ngoMgqibelo.
Isinqumo sika-Ouaddou sokungamqali u-Appollis sidale imibuzo kubalandeli bePirates ngaphambi komdlalo.
U-Appollis ungene ngesiwombe sesibili, ethatha indawo kaKamogelo Sebelebele obelimele.
Nokho, akakwazanga ukusiza iPirates ibuyele emdlalweni, yagcina ihlulekile ukuvikela indebe ebeyisiyinqobe amahlandla amane kulandelana.
Echaza ngalesi sinqumo ngemuva komdlalo, u-Abdeslam Ouaddou uthe ubebheke ukusebenzisa u-Oswin Appollis njengomdlali ozongena esuka ebhentshini aguqule umdlalo.
“Ungomunye wabadlali abahamba phambili kuleli, naseqenjini lethu,” kuvuma lo mqeqeshi..
“Kodwa uma udlala umdlalo, uba neqhinga lawo. Kumele ucabange ngezinto ezingase zenzeke ngesiwombe sesibili.”
Uveze ukuthi leli qhinga belifana nalelo abelisebenzise kowamanqamu wesizini edlule, ngesikhathi iPirates inqoba iMTN8 ibhekene neStellenbosch FC.
Uthe ubefuna ukufaka u-Appollis ngokushesha ngesiwombe sesibili ukuze abe nomthelela emdlalweni.
“Ngihlala nginabadlali engibabheka njengabazokwazi ukuguqula umdlalo uma bengena.
“Namuhla u-Appollis ubeyingxenye yalabo badlali,” kuchaza lo mqeqeshi.
U-Ouaddou uphinde wavuma ukuthi igoli lokuqala leSundowns liphazamise izinhlelo zakhe ngoba iPirates kudingeke iphishekele ukulinganisa.
“U-Oswin ungumdlali osezingeni eliphezulu, obaluleke kakhulu kithi futhi ongumdlali weqembu lesizwe.
“Kodwa namuhla sinqume ukumsebenzisa njengomdlali ozongena aguqule umdlalo,” kusho yena.
- FUNDA NALA | IDowns ishwebise iPirates umlando kwiMTN8
Njengoba yehlulekile ukuvikela indebe yayo ebiyinqobe ngesizini edlule, manje iPirates seyizobheka ukwenza kahle kwiligi.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
