EzintshaOrlando Pirates

I-Orlando Pirates izozwana amandla nelilungiselela iChan

Kuvela ukuthi leli qembu elisanda kubuya ekhempini yaseSpain lizizwana amandla nelinye lamazwe azodlala kwiCaf African Nations Championship (Chan) ngenyanga ezayo.

Ngesikhathi iseSpain i-Olrnado Pirates idlale imidlalo emine esezingeni eliphezulu yokuzilungiselela – yanqoba owodwa, yahlulwa kowodwa, yadlala ngokulingana emibili. 

Manje njengoba seyibuyile, isemalungiselweni okugcina okuqala umkhankaso wokuvikela iMTN8 ozoqala ngo-Agasti 2 e-Orlando Stadium.

Kodwa ngaphambi kwalokho, ngoMgqibelo iPirates izozwana amandla neqembu lesizwe lase-Angola emdlalweni wokuqinisana.

Lona akuwona nje umdlalo wombukiso, kodwa ngumdlalo womabili amaqembu azowusebenzisela ukuzihlola okokugcina ngaphambi kokuqala kwemiqhudelwano azodlala kuyo ngokwehlukana. Njengamanje iqembu lase-Angola libambe ikhempu yalo yokuzilolonga eNingizimu Afrika njengoba lilungiselela iChan.

Kumqeqeshi we-Angola, uPedro Gonçalves, lo mdlalo nelinye lamaqembu ahlonishwa kakhulu e-Afrika uyithuba elihle lokufasa amabhawodi axegayo.

Uzophinde ahlole isimo seqembu lakhe ngaphambi kokuthi kuqale le midlalo yezwekazi akahlose ukuyinqoba.

Lo mqhudelwano uzoqala ngo-Agasti 2 uze uphothulwe ngo-Agasti 30 kanti uzobanjelwa emazweni amathathu – iKenya, i-Uganda neTanzania. 

I-Orlando Pirates yona izobe izifudumezela umdlalo weMTN8 ezobhekana kuwo nePolokwane City e-Orlando Stadium ngo-Agasti 2. 

Lo mdlalo ungelinye ithuba kumqeqeshi wayo omusha u-Abdeslam Ouaddou ukuthi ahlole iqembu azoqala ngalo owePolokwane City.

Njengoba i-Orlando Pirates itheze abadlali abasha abaningi, lukhulu olubhekwe ku-Ouaddou kanti lo mdlalo wokuqala uzonika abalandeli okungase bakulindele ngesizini ezayo. 

WINA! GCWALISA IFOMU NGEZANSI UZIWINELE IJEZI LEQEMBU LAKHO