EzintshaOrlando Pirates

Sidalula igama lobhekwe ukuvala esikaRiveiro kwiPirates

Ukukhathazeka kwabo kwakuqale ngesikhathi uJose Riveiro ebazisa ukuthi ngeke ayivuselele inkontileka yakhe. 

I-Orlando Pirates ikuqinisekisile kuleli sonto ukuthi uJose Riveiro uzohamba ngoJuni uma sekuphele inkontileka yakhe.

Ukuqagela mayelana nozothatha isikhala sakhe kukhulu. Maningi amagama asebaluliwe, kanti elikaPitso Mosimane lihamba phambili.

Nokho iLisenethini isingakudalula ukuthi akuyena uMosimane kodwa ngowayeyiphini lakhe, uManqoba Mngqithi, ohamba phambili.

UMngqithi, owabamba iqhaza elikhulu ekuvuseleleni iSundowns, ubonakala njengomuhle kakhulu ekutheni aqhube umsebenzi kwiPirates.

Umthombo uthe uMgqithi wenqabile ukuthatha imisebenzi ebivela ngaphandle kwezwe ngoba ubevele esazi ukuthi uzothatha izintambo kumaBhakabhaka. 

Kuthiwa ukuziphatha kwakhe kucishe kufane nokukaRiveiro futhi uyakholelwa kubadlali abasebancane naye.

“UJose Riveiro walubika kudala udaba kuKhoza ukuthi ufuna ukusondelana nomndeni wakhe,” kusho umthombo.

“Wakhala ngokuthi njengoba iPirates isemiqhudelwaneni eminingi kangaka akalitholi ithuba lokuphumula nomndeni wakhe.

“Wathi noma kuvalwe isizini siba sincane isikhathi ngobakusuke kumele ahlelele elandelayo.

“UMngqithi akanayo ngisho inkontileka kwiGolden Arrows ngoba vele ubambile nje, wenzela ukungahlali ekhaya. 

“UKhoza ube esebona kuyithuba lokubahlanganisa noMandla Ncikazi ngoba vele bayazana futhi banolwazi olunzulu ngebhola lakuleli.” 

Lo mthombo uthe yize ungeke ukuphike ukuthi kukhona ezinye izinto ezingale ezenze uRiveiro ashiye, kodwa uyazi ukuthi yisinqumo esidala lesi.

“Mina bengingalindele ukuthi bakumemezele manje, kodwa bengazi ukuthi uzohamba uRiveiro bese kuqhubeka uMngqithi nomsebenzi. 

“IPrates ifuna ukuhubha iSundowns, kanti yena uyazi kahle ngakho ungumqeqeshi ofanelekile.”