
Iyinkiyankiya ekaLorch ezikhulwini zeSundowns
UThembinkosi Lorch angase azithole sekumele athole elinye iqembu azolidlalela ngesizini ezayo uma sekuphele ukubolekiswa kwakhe kwiWydad Athletic.
Lo mdlali owazakhela igama kwi-Orlando Pirates ubolekiswe kulezi zinkunzi zaseMorocco ezicijwa ngowayengumqeqeshi wakhephambilini uRulani Mokwena.
Kwavela ukuthi uMokwena nguyena owaphoqa ukuthi iSundowns imthenge ngemali eshisiwe lo mdlali kwiPirates ngesikhathi eqeqesha leli qembu laseChloorkop.
Nokho njengoba uMokwena eshiyile ekupheleni kwesizini edlule, uLorch usale engasahlalisekile kulezi zinkunzi zasePitoli.
Lokhu kufakazelwe ngumqeqeshi wamanje weMamelodi Sundowns, uMiguel Cardoso, kwesinye sezithangami nabezindaba ngasekuqaleni konyaka.
Isivumelwano sakhe sokubolekiswa singesezinyanga eziyisithupha kuphela futhi siyaphela ekupheleni kwesizini ngoJuni.
Ngemuva kwalokho kulindeleke ukuthi abuyele eqenjini anenkontileka nalo, iSundowns.
Kodwa imibiko yakamuva iveza ukuthi ngeke abe nayo indawo uma ebuyela kuMasandawana njengoba leli qembu libheke ukusebenzisa abadlali abasebancane ukwakhela ikusasa.
Kubikwa ukuthi uCardoso nomqondisi wezokuqeqesha kwiSundowns, uFlemming Berg sebevele bawuqalile umkhankaso wokuhlwaya abadlali abasencane abazosayinwa ngesizini ezayo.
Kulindeleke ukuthi kudedelwe inqwaba yabadlali, ikakhulukazi asebekhulile, ekupheleni kwale sizini.
ULorch kungenzeka ungomunye walabo. Nokho kukholakala ukuthi uThembinkosi Lorch ngeke aziswele izesheli uma iMamelodi Sundowns inquma ukumkhulula.
IKaizer Chiefs ibizimisele ngokubolekwa yena ngaphambi kokuthi iSundowns inqume ukumsisa kulezi zinkunzi zaseMorocco.
Uma kwenzeka ededelwa eChloorkop, iChiefs kulindeleke ukuthi igxumele ihlale ethubeni lokumhehela eNaturena.
Kodwa eminye imibiko iveze ukuthi iSundowns izophinde imbolekise kwiWydad uma leli qembu laseMorocco lizimisele ngokumgcina enye isizini.
