EzintshaOrlando Pirates

Kucaciswa eyokukhiywa kwegumbi lokushintshela e-FNB Stadium

Ngesikhathi la maqembu ephuma ezindlini zokushintshela, asebenzise izindlela ezihlukene zokungena enkundleni.

IMamelodi Sundowns ayizange isebenzise umhubhe ojwayelekile futhi lokhu kuqale amahlebezi agcine eseshisa izikhotha ezinkundleni zokuxhumana.

Abanye bebecabanga ukuthi kuhlobene nokusetshenziswa komuthi. Futhi iSundowns ikhethe ukungasebenzisi umhubhe omkhulu wenkundla ukugwema wona. 

Kuphinde kwaba nodaba lokuthi elinye lamagumbi okushintshela belikhiyiwe futhi lingatholakali ukuthi lisetshenziswe ngalolo suku.

IPirates iwuthuthele e-FNB Stadium lo mdlalo weBetway Premiership ngenxa yokungatholakali kwenkundla yayo yasekhaya i-Orlando Stadium ngeSonto. 

Kodwa igumbi lokushintsha iqembu lasekhaya belikhiyiwe futhi alizange lisetshenziswe ngalolo suku.

Le nkundla isetshenziswa yiKaizer Chiefs njengenkundla yasekhaya futhi isikhulu esiphezulu seStadium Management South Africa sesilucacisile lolu daba.  

“Bekungekho okubi ngodaba lwegumbi lokushintshela,” kusho uBertie Grobelaar kuRadio 2000 ngoMsombuluko ebusuku. 

“Sinesivumelwano neKaizer Chiefs sokuthi emidlalweni yeBetway Premiership, igumbi lokushintshela leqembu lasekhaya lingasetshenziswa uma kungadlali yona. 

“Futhi lokho sikudluliselile kuwo womabili amakilabhu ngaphambi kakhulu komdlalo. 

“Sinamagumbi amane okushintshela e-FNB Stadium. Amanye amabili amadala ayekhona enkundleni endala.

“Kodwa alungisiwe futhi asesimweni esifanele nesihambisana emigomo nezidingo ze-PSL neCaf. Ngakho-ke ayikho inkinga lapho.” 

IPirates iqunqobe ngo 2-1 lo mdlalo obushisa noshiye izinkulump eziningi ekupheleni kwawo njengoba nalo mphumela ubungalindelekile kwabaningi.