Ezintsha

Sewufikile umzuzu omkhulu ku-Artan ngemuva kokuphoxeka

Unompempe waseSomalia, u-Omar Artan, uzoqopha umlando ngoLwesithathu uma eseshaya impempe emdlalweni we-Uefa Super Cup.

Lo mdlalo uphakathi kompetha be-Uefa Champions League, iParis Saint-Germain, nabaphethe i-Uefa Europa League, i-Aston Villa, eRed Bull Arena eSalzburg, e-Austria.

Lokhu kuqokwa kusho lukhulu ebholeni lase-Afrika njengoba u-Artan ezoba ngunompempe wokuqala ongeyena owase-Europe ukuphatha lo mdlalo omkhulu. 

Ukuqokwa kwakhe kuwubufakazi bokukhula kwesithunzi sakhe ebholeni lomhlaba nokubambisana okuphakathi kwe-Uefa neCaf ekuthuthukiseni onompempe.

Kodwa le mpumelelo iza ngemuva kobuhlungu obukhulu emsebenzini ka-Omar Artan wokushaya impempe. 

Ezinyangeni ezimbalwa ezedlule ubeqokelwe ukuba ngomunye wonompempe kwiNdebe yoMhlaba ka-2026. 

Nokho, iphupho lakhe laphelela ezeni ngesikhathi evinjelwa ukungena e-United States, yize ayene-visa esemthethweni. 

Lokho kwamenza waphuthelwa yithuba lokushaya impempe emqhudelwaneni omkhulu kunayo yonke emhlabeni.

Esikhundleni sokudikibala, u-Artan waqhubeka nokusebenza futhi washaya impempe emidlalweni yaseSomalia naseKuwait. 

Uthi ukwesekwa akuthola kubalandeli bebhola emhlabeni wonke kwamnika amandla okuqhubeka nokulwela amaphupho akhe.

Manje u-Omar Artan usebuye ngamandla, futhi usezoqopha umlando ngokuba unompempe wokuqala wase-Afrika ukuphatha umdlalo we-Uefa Super Cup.