
AmaZulu abuyise uMaduna obesekhonjwa kwiChiefs
Sekuphelile ukuqagela ngo-Siphesihle Maduna njengoba esejoyine ngokugcwele AmaZulu FC ngmuva kokukhululwa yiTS Galaxy.
Lo mdlali oneminyaka engu-26 ubudala ubuyela eqenjini elamnika ithuba lokuqala ukudlala ebholeni elikhokhelayo.
UMaduna ufika ngemuva kokudlala amasizini amabili amahle kwiTS Galaxy, lapho edlale khona imidlalo engu-55.
Ngaphambi kokuya kwiGalaxy, uMaduna wayedlala kwiCape Town Spurs, wayishiya ngemuva kokudliwa yizembe.
Ekuqaleni komsebenzi wakhe, wachitha amasizini ayisithupha oSusuthwini, wadlala imidlalo engu-86 washaya amagoli ayisikhombisa.
Ukubuya kwakhe kulindeleke ukuthi kuqinise isisu seqembu lika-Arthur Zwane njengoba lifuna ukuqhubeka nokwakha iqembu elizolwela izinto ezinkulu kule sizini.
UMaduna – oke wamataniswa neKaizer Chiefs- uthe ujabule kakhulu ngokubuyela ekhaya.
“Ngijabule kakhulu ngokubuyela kuMaZulu FC, iqembu elanginika ithuba lokudlala ibhola elikhokhelayo.
“Ngilangazelele ukugqoka futhi imibala eluhlaza nomhlophe nokusiza iqembu lifeze izinhloso zalo kule sizini,” kusho uMaduna.
- FUNDA NALA | Okwenze uZwane asale enxapha yedwa ngoSuthu
Ukufika kuka-Siphesihle Maduna kunikeza uZwane enye inketho esezingeni esiswini, njengoba AmaZulu eqhubeka nokuqinisa isikwati sawo.
Inhloso yawo wukwenza kangcono kunendawo yesine aqede kuyo ngesizini edlule.
- EZISHISAYO|Â Cofa lapha usithole kuWhatsApp
