
UHunt uveza okumqwashisa ngomdlalo weChiefs
Umqeqeshi weStellenbosch FC, u-Gavin Hunt, useveze inkinga emlalisa obenyoni njengoba elungiselela ukubhekana ne-Kaizer Chiefs.
UBarker uzohola iStellies uma sesiyohlasela Amakhosi eFNB Stadium, ifuna amaphuzu amathathu ngoLwesibili ngo-7.30 ebusuku.
IStellenbosch izodlala okokuqala cishe esikhathini esingangenyanga.
Yagcina ukudlala ishaya iKruger United ngo-1-9 ngoSepthemba 19.
“Kube yikhefu leFIFA elide kunokujwayelekile,” kusho lo makadebona womqeqeshi.
“Ngakho ngicabanga ukuthi wonke umuntu usekulungele ukudlala nokubuyela enkundleni, kodwa kube yisithiyo kithina.”
Uthe inani labadlali abalimele lenze izinto zaba nzima kakhulu eqenjini lakhe.
“Kunzima kakhulu ukuqhubeka nokuqeqesha isikhathi esingaka futhi ugcine abadlali bekhuthazekile.
“Ngeshwa, asikwazanga ukusebenzisa leli khefu ngendlela ebesifisa ngayo ngoba sinabadlali abaningi abalimele,” kuqhuba yena.
Phakathi kwabadlali abalimele kubalwa uMosa Lebusa, uSurprise Nhlabathi no-Orlando Mbembe.
U-Gavin Hunt, nokho, uthi yize iqembu libhekene nobunzima, lizimisele ukulwa uma selibheke ne-Kaizer Chiefs ake asebenza kuyo.
“Lona umdlalo abantu abawujabulela njalo. Siwubheke ngabomvu futhi sithemba ukuthi kuzoba nabalandeli abaningi.”
- FUNDA NALA | ULungu ubonga ukwesekwa akuthole ephoxa
IStellenbosch ibhekene nomdlalo wayo wesithupha kweyisishiyagalombili idlalela kude nasekhaya.
“Okubaluleke kakhulu kithina ukuthi sikhiphe iqembu elilungele ukudlala,” kusho uHunt.
“Uhlu lwethu lwabalimele lukhulu, futhi lokho kuyasiphazamisa, kodwa sizokwazi ukuncintisana futhi lokho yikho okubaluleke kakhulu.”
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
