
Mdledle ngeChiefs: “Ayikho ikhwalithi, abukho baholi”
Owayengumdlali wasemuva we-Orlando Pirates, u-Innocent Mdledle, usegxeke iKaizer Chiefs, wathi leli qembu selilahlekelwe wulayini.
Ulisola “ngokusayina abadlali abangekho ezingeni elilifanele”. Uphinde wafanisa iChiefs nomuzi owakhiwa ngaphandle kohlaka olufanele, okushintsha abakhi ngawo.
U-Innocent Mdledle uvumile ukuthi wayengumlandeli weKaizer Chiefs omkhulu ngaphambi kokuthi ajoyine izimbangi zayo iPirates.
Ukholwa ukuthi abadlali abasayinwe muva nje — oFlavio Silva, Etiosa Ighodaro, nababili abasuka kwiPirates uThabiso Monyane noPaseka Mako — abekho ezingeni iChiefs eyake yaziwa ngalo.
“IChiefs beyijwayele ukusayinisa abadlali abangabaholi futhi abaphambili,” usho kanje kwiSports Gig with Sibonelo Ngcobo.
“Manje ayisekho ikhwalithi. Bheka nje iSundowns nePirates — basayine abadlali abafana noSipho Mbule, Oswin Appollis, Tshepang Moremi. Yikhwalithi leyo.”
U-Innocent Mdledle uthi izinkinga zokuhlonza abadlali kwiKaizer Chiefs zivezwa obala wukungabi nabo abadlali eqenjini lesizwe iBafana Bafana.
“Ngaleziya zikhathi, iChiefs yayiba nabadlali beqembu lesizwe abayisikhombisa noma abayisishiyagalombili ngesikhathi esisodwa. Kodwa buka manje, abekho,” kuqhuba yena.
Uphinde waxwayisa ngokuthi izihlabani ezisencane ezifana noMfundo Vilakazi noMduduzi Shabalala zithwele kanzima kuleli qembu.
Uthi akulungile ukuthi abadlali abasebancane kanje kubo yibo okubhekwe ukuthi bathwale isisindo segama leqembu.
“Ngeke ulindele ukuthi labo bafana baphathe iChiefs. Basebancane. Le ndlu abayakhayo ngeke ize iphele.”
FUNDA NALA | UMdaka ukhala ngokungayilungiseleli kahle iNdebe yoMhlaba naMajita
Ukhale ngokuthi unyaka nonyaka kuhlezi kuthiwa iqembu liyakhiwa, kodwa awukho umehluko. Ukubeke kwacaca ukuthi akayiboni iqeda emaqenjini amahlanu aphezulu kwilogi nakulokhu.
UMdledle akayena owokuqala owayengumdlali webhola wakudala noma umhlaziyi oveze ukungabaza uhlelo lokuhlonza abadlali kwiChiefs muva nje.
