
UBroos ubonakale ehleba noMbule, uveza abekusho
Umqeqeshi weBafana Bafana, uHugo Broos, usedalule umyalezo onamandla awutshele umdlali wasesiswini we-Orlando Pirates uSipho Mbule.
LO mqeqeshi nalo mdlali babonakale bangana qede baba nengxoxo emfushane ngemuva kokuthi iNingizimu Afrika izibekisele indawo yayo eNdebeni yoMhlaba ka-2026.
USipho Mbule, ongene ezovala isikhala sikaPatrick Maswanganyi kwiBafana, ulisebenzise ngokugcwele ithuba alinikiwe — ejabulisa uHugo Broos ngokudlala ngokuzimisela.
UBroos uthi yena nephini lakhe, uHelman Mkhalele, bavumelene ngokunikeza lo mdlali oke wagijima kwiMamelodi Sundowns ithuba lesibili kwiBafana.
“Mina noHelman sakhuluma ngaye futhi savumelana ngokuthi sizomnika elinye ithuba,” kusho uBroos.
Lo somaqhinga waseBelgium akazange elokhu emncenga uMbule ngesikhathi ebuyela eqenjini lakhe, kodwa wamtshela ezikabhoqo.
“Ngamtshela ukuthi, ‘Leli yithuba lakho lesibili — futhi ngemva kwalo, sekuphelile. Uma ungalibambi ngezandla zombili, ngeke uphinde ubuye.
“‘Ngeke uphinde ube kwiBafana inqobo nje uma mina ngisengumqeqeshi’,” kwengeza uBroos.
“Ngambuza ukuthi ingabe uyafuna yini ukuba kwi-Afcon naseNdebeni yoMhlab, wathi, ‘yebo’.
“Ngakho ngabe sengimtshela ukuthi akangibonise ukuthi ufuna kangakanani.
“Angikaze ngilingabaze ithalente lakhe — kodwa manje useyalwa futhi uyagijima ngokuzimisela. Yilowo ke uSipho Mbule esimdidingayo.”
FUNDA NALA | UMdledle uhlaba ukwehla kwezinga kwiChiefs
UBroos uphethe ngomlayezo wokuncoma: “Ngimsthelile ngemuva komdlalo, ngathi ‘Ulisebenzisile ithuba lakho. Siyakuhalalisela.’”
