Ezintsha

Sekushone enye yezingqalabutho zebhola lakuleli

Kushone isihlabani sebhola laseNingizimu Afrika uLucas “Masterpieces” Moripe. 

Eminyakeni yakamuva uMoripe ubesehamba ngesihlalo esinamasondo ngemuva kokuhlaselwa yisifo sohlangothi. 

Wayeka ukudlala ibhola ngenxa yokulimala edolweni ngasekupheleni kwawo-1980. 

UMoripe, othathwa njengomunye wabadlali abakhulu abakhiqizwe yizwe yilabo abambona edlala, wayebizwa ngo-“nkulunkulu webhola lezinyawo”. 

Wayesatshwa abadlali basemuva nonozinti futhi indlela yakhe yokudlala yayihambisana nomjiko.

Kwenye yezindondo anikezwe zona, iSuper Stadium e-Atteridgeville iqanjwe kabusha ngokuthi yiLucas “Masterpieces” Moripe Stadium futhi ubejwayele ukuya emidlalweni yeMamelodi Sundowns kule nkundla. 

Owayengukaputeni weSundowns u-Alpheus “Go” Mabusela, Daniel “Mambush”’ Mudau, Hlompho Kekana noSurprise Moriri bavakashele uMoripe emzini wakhe e-Atteridgville njengengxenye yemisebenzi yeNyanga yaMagugu yalo nyaka ngoSepthemba.

“Sekunesikhathi nggcine ukumbona njengoba singakwazi ukuhlangana emidlalweni. 

“Ngidlale naye ngesikhathi ekwiPretoria Callies ngakho-ke sinomlando omningi esabelana ngawo,” kusho uMabusela kwiSundowns Digital Magazine.

“Ngalezo zinsuku, ithelevishini yayingadumile kangako ngakho yilabo kuphela bethu ababedlala naye noma eceleni kwakhe ababenenhlanhla yokubona uhlobo lomdlali ayeyilo ngempela.

“Wayenaleli khono eliyingqayizivele lokufunda umdlalo,” kwengeza uMabusela. 

Ngokusho kweSouth African History Online, uMoripe waqala ukudlala kwiPretoria Callies ngo-1971 nokwaholela ekunqobeni okungasoze kwalibaleka beshaya i-Orlando Pirates, iPimville United Brothers neKaizer Chiefs.

Ngo-1973 waklonyeliswa ngendondo yeNational Professional Soccer League eyayifiswa kakhulu njengoMdlali woNyaka. 

Ngalowo nyaka wadlalela iNPSL Invitation Xl ibhekene neBritish All Stars Xl eyayiholwa nguRodney Marsh.

Wanqoba nesicoco seSportsman of the Year ngo-1973 neseCaroline Hill eHong Kong. 

UMoripe udlulele kwiPirates ngo-1981 kodwa ukulimala edolweni okubeleselayo kwaphoqa ukuthi engahlali isikhathi eside kumaBhakabhaka.

Imininingwane ngokungcwatshwa kwakhe izoqinisekiswa wumndeni ngokuhamba kwesikhathi.