
Elasephesheya lisha amashushu ngoThapelo Maseko
Iqembu laseCzech Republic, iSK Slavia Prague, seliqale izingxoxo neMamelodi Sundowns ngenhloso yokusayinisa umdlali wasesiswini u-Thapelo Maseko.
Lokhu kulandela ukwenza kahle kukaMaseko kwiNdebe yoMhlaba ka-2026.
Lo mdlali oneminyaka engu-22 ubudala usehehe amehlo amaqembu ase-Europe ngendlela adlale ngayo emidlalweni yeBafana Bafana kule ndebe yomhlaba.
Ijubane lakhe, ikhono lokwakha amathuba nokudlala ngesibindi kumenze waba ngomunye wabadlali abagqame kakhulu.
Yize kungakabi bikho isicelo esisemthethweni, iSlavia Prague isivele ixhumane neSundowns ukuze ihlole ukuthi ingamthola yini kuleli windi lokuhwebelana ngabadlali.
Njengamanje u-Thapelo Maseko ubolekiswe eqenjini laseCyprus, i-AEL Limassol, kodwa usengumdlali weMamelodi Sundowns.
Ukudlala kwakhe kahle kwiNdebe yoMhlaba kunyuse kakhulu isithunzi sakhe, kanti kubikwa ukuthi namaqembu amaningana ase-Europe aselokhu emlandela.
- FUNDA NALA | Ushintsho olulodwa kwiBafana koweCanada
Uma kwenzeka lo mnyakazo uphumelela, uMaseko uzothola ithuba lokudlala kwelinye lamaligi asezingeni elihle e-Europe, aphinde aziveze emiqhudelwaneni emikhulu yasephesheya.
Kusazobonakala ukuthi iSundowns izovuma yini ukumdayisa u-Thapelo Maseko uma iSlavia Prague isifaka isicelo esisemthethweni emasontweni azayo.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
