Bafana BafanaEzintsha

Okwenza u-Appolis asheshe akudlulise ukuphoxeka 

Umdlali wasesiswini wePolokwane City, u-Oswin Appollis, uthe ukungaphumeleli kwesifiso sokudlulela eqenjini elikhulu kube nzima kuye.

Kodwa kudingeke asheshe akudlulise bese egxila emsebenzini wakhe ukuze aqhubeke nokuba yingxenye yeBafana Bafana.

U-Appollis, oneminyaka engu-23, ubesematheni ngesikhathi sewindi lokudayiselana ngabadlali elidlule.

Bekunezingxoxo ne-Esperance Sportive de Tunis, oMC Alger neKaizer Chiefs kodwa womathathu lamaqembu ahluleka ukumthola. 

Yize engakayishayi inethi kwiRise and Shine kule sizini, ukudlala kwakhe akushintshile futhi ukwazile ukugcina indawo yakhe eqenjini lesizwe.

Uqale yonke imidlalo emihlanu yokuhlungela i-Africa Cup of Nations ka-2025, walekelela ngamagoli amabili emkhankasweni weBafana kuGroup K. 

“Bekunzima kakhulu kodwa ekupheleni kosuku, uma ngingadlali, ngeke ngibizelwe eqenjini lesizwe,” usho kanje kwabezindaba kuleli sonto.

“Ngakho-ke, nginento eyodwa engqondweni yami: ukuqhubeka nokusebenza nokuba seqenjini lesizwe ngoba ukuba angizimiseli, ngabe angikho lapha.”

Uma kukhulunywa ngekusasa lakhe, u-Appollis usenethemba lokugcina esifezile isifiso sokuyodlala phesheya kwezilwandle.

“Bengilokhu ngicabanga (ngekusasa lami) muva nje, wonke umuntu unomgomo wokuya e-Europe ngolunye usuku.

“Futhi nami ngethemba ukuthi ngizolithola lelo thuba ngelinye ilanga,” kwengeza yena.

U-Appolis ube ngumdlali ovelele emdlalwnei wokugcina weBafana kweyokuhlungela i-Afcon ka-2025 la ishaye khona iSouth Sudab ngo 3-0.