EzintshaMTN8

OwePolokwane ucacisa eyocingo aluthole umdlalo uqhubeka

  • Sibongiseni GUMBI

Lo mqeqeshi ubonakale eguqe sakucasha ekhuluma nocingo ngesikhathi sekhefu esikhathini esengeziwe. 

Ngaleso sikhathi, iSundowns ibisihamba phambili ngo 1-0 ngemuva kwegoli likaThabang Matuludi elibe wumkhonto ogwaza ekhaya esiwombeni sokuqala esikhathini esengeziwe.

Lesi sigameko esingavamile ebholeni sidonse amehlo, saqala namahlebezi ehlukene, kodwa uMohafe usinyathele ngezinyawo ngemuva komdlalo. 

Usichaze njengento ejwayelekile, ethi ubemane ebonisana nelungu lethimba labaqeqeshi ebelingekho ebhentshini osukwini.

“Bengibonisana nelungu lethimba lami labaqeqeshi,” kusho uMohafe ngemuva kwalo mdlalo obuseLucas Moripe Stadium. 

“Angisebenzi ngezwa. Bekudingeka ngihlaziye lokho obekusemqondweni wami nomunye umuntu.

“Vele ngokuvamile siyaxoxa ngalezi zinto ngaphambi kokuba ngithathe izinqumo zokugcina,” kuchaza uMohafe.

Incazelo kaMohafe iphakamisa ukuthi ucingo beluyingxenye yenqubo yakhe evamile yokuthatha izinqumo. 

Yize kungajwayelekile, ugcizelele ukubaluleka kokubambisana ngaphakathi ethimbeni lakhe asebenzisana nalo.

Yize eyichazile yonke le nto, kodwa amahlebezi nemibono ehlukene ngalesi sigameko kusaqhubeka ezinkundleni zokuxhumana. 

Abaningi bakholwa wukuthi ubethatha imiyalelo yokuthi yini okumele ayenze ezikhulwini eziphezulu zeqembu.