EzintshaKaizer Chiefs

Yimbudane yokugcina uNasreddine Nabi – umhlaziyi

Lo mhlaziyi, okhulume neLisenethini ngombandela wokuthi angadalulwa, uqhulule amabhomu odwa ngalo mqeqeshi.

Ngaphansi kuka-Nasreddine Nabi, iKaizer Chiefs iyehluleka ukubamba umgqigqo kwiBetway Premiership lapho ilele khona endaweni yesishiyagalolunye.

Okukhathazayo ngalokhu wukuthi sekusele imidlalo emibili isizini iphothulwe, futhi kubukeka lizoyiphinda ihlazo lokuqeda ngaphandle kweTop 8. 

“Anginandaba nokuthi abanye bathini,” kusho lo mhlaziyi ophinde abe ngumqeqeshi ohlonishwayo futhi osebenze ezigabeni ezahlukene zePSL.

“U-Nasreddine Nabi ungumqeqeshi obheda kunabo bonke abake basebenza kule kilabhu enegama elihle kangaka elibizwa ngeKaizer Chiefs – kusukela lasungulwa ngo-1970.

“Yebo, kumasizini angu-10 edlule ike uahlulwa imidlalo engu-12 kwiligi. Kodwa lokho bekusemidlalweni engu-30 hhayi kwengu-26.

“Futhi leyo midlalo ayizange ibe ngaphansi komqeqeshi oyedwa. Ungumqeqeshi wokuqala weChiefs ukuhlulwa imidlalo yeligi engu-12 kwengu-26.

“Okubi nakakhulu, akadlali ngabafana abancane njenge-Orlando Pirates,” kuqhuba lo mhlaziyi.

Uphinde wathi ngaphansi kukaNasreddine Nabi, iKaizer Chiefs ayinayo indlela ecacile mayelana nohlobo lwebhola elidlalayo.

“Okukhulu kunakho konke, asikho isitayela noma iqhinga azama ngalo ongamvikela ngalo ngale miphumela emibi kanje.

“IChiefs izobe edlala into efanayo nangesizini ezayo uma egcinwa. Izodlala ibhola lokuqagela. 

“Ukuthi bakowamanqamu weNedbank Cup kuyinto ejwayelekile emiqhudelwaneni yezinkomishi. 

“Khumbula ukuthi bake bafinyelela kowamanqamu weCaf Champions League ngendlela efanayo.

“Bambulwa izinqe ke lapho ngaleso sikhathi, futhi cishe kuzokwenzeka okufanayo nangoMgqibelo.

“Labo abamlethe lapha nalabo abamqashile kumele bazinyeze ngesinqumo sabo,” kuphetha lo mhlaziyi.