
Kuvela okwenze iChiefs yamshiya uMaart iya ekhempini
IKaizer Chiefs ilibangise eNetherlands ukuyolungiselela isizini kuleli sonto — kodwa izokwenza lokho ngaphandle kukakaputeni wayo, uYusuf Maart.
Lo mdlali oneminyaka engu-29 ubudala usanda kwelula inkontileka yakhe ngonyaka kuMakhosi.
Kodwa-ke, uYusuf Maart ubengekho ngesikhathi iqembu liya e-Amsterdam ngoLwesine ebusuku.
IChiefs ifike edolobheni laseDutch i-Apeldoorn ngoLwesihlanu ekuseni kanti izohlala khona kuze kube uJulayi 19.
Abalandeli bebelindele ukuthi babone uYusuf Maart ehola iqembu kulesi sigaba esibalulekile sokulungiselela isizini, kodwa ubengabonwa nangokhalo.
Futhi manje iFAR Post ibika ukuthi kuneqembu lase-Austria elisezingxoxweni eseziya emaphethelweni zokusayina lo mdlali.
Yize amakilabhu esevumelene ngemibandela, uYusuf Maart njengamanje usaseNingizimu Afrika.
Kuvela ukuthi usalinde kuphase iVisa yakhe yokusebenza kuleliya zwe ngaphambi kokuthi kuphothulwe ukudayiswa kwakhe.
Ukuhamba kukaMaart kulindeleke ukuthi kuphi=othulwe ezinsukwini ezimbalwa ezizayo.
UYusuf Maart wayengukaputeni weSekhukhune United ngaphambi kokuthi ajoyine iChiefs ngo-2022.
Unikezwe ibhande lobukaputeni kulandela ukukhombisa kwakhe ukuzinikela nokulwela iqembu ngaso sonke isikhathi.
Manje, njengoba sekusondele ukuthi aye e-Europe, uMaart usezothatha isinyathelo esilandelayo emsebenzini wakhe.
Isikhala sakhe kwiChiefs sesisheshe savalwa njengoba leli qembu lisayine uSiphesihle Nldovu obekwiSuperSport United.
IChiefs yona isaqhubeka nokwakha kabusha ngaphandle kukakaputeni wayo.
Njengoba ise-Europe nje iChiefs, izodlala imidlalo yobungani emihlanu namaqembu adlala kwi-Eredivisie ne-Eerste Divisie.
Lokhu kuzonikeza umqeqeshi uNasreddine Nabi ithuba elibalulekile lokuhlola kahle iqembu lakhe elibunjwe kabusha.
