
Sebevuke ngelinye iqembu abalaxazwe yiPirates
ISekhukhune United iqhubekile nokuqinisa isikwati sayo ngokusayina abadlali ababili abasanda kulaxazwa yi-Orlando Pirates.
Laba badlali – uGomolemo Khoto noSiyabonga Ndlozi – bangabanye iPirates eqinisekise ngesonto elidlule ukuthi iyabakhulula.
UKhoto, oneminyaka engu-23, wajoyina iPirates esuka kwi-Orbit College, kodwa wadlalela kuphela iqembu leDStv Diski Challenge futhi akazange adlale eqenjini elikhulu.
UNdlozi yena uphuma kwinkulisa yePirates futhi wadlala okokuqala eqenjini elikhulu ngoDisemba bebhekene neSekhukhune.
Udlale imidlalo engu-11 eqenjini elikhulu ngaphambi kokubolekiswa kwiMagesi FC, lapho adlale khona imidlalo engu-15 ngesizini edlule.
ISekhukhune imemezele ngokusemthethweni ukufika kwalaba badlali ngoLwesine.
“ISekhukhune United Football Club iyajabula ukuqinisekisa ukusayinwa unomphela kukaGomolemo Khoto noSiyabonga Ndlozi,” kusho iqembu esitatimendeni.
“Laba badlali ababili abanekhono bajoyina iqembu ngaphambi kokuqala kwesizini ka-2026/27 yeBetway Premiership.
“Sibamukela ngokufudumele emndenini weBabina Noko futhi sibafisela impumelelo.”
- FUNDA NALA | Ezimbi ngoMayo kwiChiefs
Laba badlali kulindeleke ukuthi basize iSekhukhune njengoba izimisele ukwenza kangcono kunokuqeda endaweni yesihlanu ngesizini edlule.
UNdlozi ufika nje uzobanga indawo noTshepo Mashiloane ophinde wabolekiswa yi-Orlando Pirates kwiBabina Noko.
- EZISHISAYO| Cofa lapha usithole kuWhatsApp
